INKUNZIMALANGA kajokhi wamahhashi omtelebhelo, uDoctor Mbatha, iveza ukuthi izoshadelwa ngemali eklonyeliswe ngayo ngokunqoba iKing Cetshwayo July Horse Racing ebingempelasonto, eMpangeni Airfield.
UMbatha obegibele ihhashi lodumo, uTrouble Maker, uklonyeliswe ngesamba sikaR300 000 ngokudla umhlanganiso.
Emjahweni wanyakenye, kwakhonya yena egibele ihhashi uNxakanxaka kuwona lo mjaho.
Awalibonanga elidlalayo amahhashi afana naye uNxakanxaka obegitshelwe iPhelelani Thango no-Alpha & Omega waseMpumalanga onqobe iDundee July Horse Racing emasontweni edlule.
"Kuthi angindize njengoba nginqobile. Okungijabulisa kakhulu ukuthi sengizokwazi ukushada uCeliwe Manzini. Sengilobolile ngiqedile, bese kusele kona ukuthi ziwushaye. Nginezingane ezimbili naye. Ngizothi uma ngifika ekhaya sibonisane ngosuku esesizoshada ngalo," kubeka uMbatha obonge wanconcoza kumnikazi wehhashi, uDecember Nkosi.
Ubonge kakhulu nakubahleli balo mjaho, okuyisiFunda iKing Cetshwayo esiholwa iMeya uThami Ntuli.
UMbatha odabuka e-Utrecht, KwaZulu-Natal, uthe ukunqoba kufana nokugeza igama lakhe ngemuva kokulala isithathu kwiDundee July.
"NoLindani (ujokhi ka-Alpha & Omega) uyazi ukuthi imina inkunzi kulo mdlalo womtelebhelo. Usengaphika ngoba kusemhlabeni. Nguneminyaka ewu-20 ngikulo mdlalo. Ngiphatheke kabi kakhulu ngesikhathi ngilala isithathu eDundee. Besiye kuyo ngenhloso yokuyonqoba.
“ULindani usizwe ukuthi uTrouble Maker wagoloza ukusuka. Liyinkinga leli hhashi, linenkani eyisimanga. Ngingathi nje ikhanda lalo liyaqhwahaza. Okungisizile kulokhu ukuthi ngihlale nalo isikhathi, ngilungise leli khanda eligxabhayo. Sesizwana kakhulu nalo. Uma ngilithethisa lenza le nto engiyifunayo," kuqhuba uMbatha. Imali ayinqobile uzoyihlukaniselana nomnikazi wehhashi kodwa akafunanga ukuthi kuzoba yimalini.
Ngokuthola kweSolezwe abanye abanikazi baye bahlukaniselane uhhafu nojokhi.
Okuqaphelekile ngomcimbi wukuthi abantu bebephume ngobuningi, kungekho nendawo yokunyathela.
IMeya uNtuli, ithe nyakenye lo mjaho wangenisa umnotho owaba ngaphezu kukaR20 million.
"Kulokhu ngibona sizokwenza ongaphezulu. Kuzuza wonke umuntu ngokuba khona kwalo mjaho. Lapha ngikhuluma ngomama abadayisa ematafuleni, abezindawo zokulala, abemboni yezokuthutha, ababonisa ngengqephu nabanye abaningi. Lingijabulise kakhulu izinga eliphezulu engilibonile. Ungafunga ukuthi lo mjaho usuneminyaka waba khona. Senza isiqiniseko sokuthi minyaka yonke liyenyuka izinga.“