UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, unxenxa izakhamuzi zakuleli ukuba zimjoyine ekuzivocavaceni ukuze imizimba yazo izohlala isesimeni esinempilo.
Undunankulu oteketiswa ngesithakazelo sakhe, uKhuzeni, usezakhele udumo ikakhulukazi ezinkundleni zokuxhumana ngokuhlale ebonakala ezivocavoca.
NangeSonto okuphunywa kulo ubeyingxenye yabebegijima iDurban City Marathon ebiseKings Park Athletics Stadium.
Wenze isikhathi esingamahora amabili nemizuzu ewu-18 ebangeni lika-21km.
UZikalala ulincome kakhulu izinga lalo mjaho wabe esecela intsha nezakhamuzi ezindala ukuba zimjoyine ukuze izifo zizohambela kude nabo.
"Ngiwumuntu othanda ukuzivocavoca. Ngikhonze kakhulu ukusebenzisa ezokugijima. Ngiyalithanda ibhola, inkinga ngalo kuba ukulimala kalula ikakhulukazi uma sewukhule njengathi.
Kubalulekile ukuzivocavoca, kugcina umzimba unempilo, uqinile kuphinde kuqhelise abantu bakithi ezintweni ezifana nobugebengu, uphuzo oludakayo, nakwezinye izinhlobo zezidakamizwa. Ngibabonga kakhulu abagqugquzela ukuzivocavoca emalokishini nasemakhaya. Mkhulu umsebenzi abawenzayo. Ku-21km uwodwa kwiDurban City Marathon, kungijabulisile ukubona abantu abalinganiselwa ku-1300. Bekuyi-half marathon yesine kulo nyaka ngiyigijima," kubeka uNdunankulu.
Mayelana nalabo abakwenza inhlekisa ukuzivocavova kwakhe nalabo abathi udlala ngabo uma ethi ungenela imijaho, uZikalala, uthe: "Angifuni ukuzifakela ingcindezi yokuphendula okuhlale kushiwo ngami ezinkundleni zokuxhumana. Abantu bathanda ukukhuluma kunokwenza. Uma ugijima uba nabantu abaseduze kwakho, ababa ngofakazi. Abanye bayakushiya, abanye uqede nabo umjaho.“
Emjahweni omkhulu weDurban City Marathon kunqobe uBongelani Mkhwanazi (2:27.45), isibili kwaba uPule Sibeko (2:29.52) isithathu sathathwa uNcedisani Phungula (2:30.22).
Kwabesifazane intambo ishaywe nguSilindile Chili (3:00.56). Isibili kube uLisa Collet (3:01.05), kweyesithathu kwangena uCecilia Molefe (3:03.59).
Ebangeni lika-21km, kwabesilisa kukhonye uThiamo Moribe (1:05.35), kwabesifazane kwanqoba uZinhle Shabalala (1:18.13).
Kwelika-10km, kunqobe uBongumusa Zwane (29.30) kwabesilisa, kwabesimame kwakhonya uBridget Theunissen (38.11).