IZOZE iphele yonke imilenze yochungechunge lwe-ASA Athletics Grand Prix, insephe yomgijimi wakuleli uVan Niekerk engabonwa nangokhalo.
UVan Zyl uthe nakuba lo mgijimi ezotheleka kuleli ngoLwesihlanu kodwa ngeke ayigijime imilenze ezosala yeGrand Prix.
"Uchungechunge lwamaGrand Prix belungekho ohlelweni lwethu lwalo nyaka. UWayde ubematasa nemijaho yase-USA. ENingizimu Afrika uzoze agijime kuma-ASA Senior Track & Field National Championships, azoba ngo-Ephreli 21-23, eKapa. Inhloso ukuthi abe ngomunye wabazomela iNingizimu Afrika kumaWorld Championships, ngoJulayi," kubeka uVan Zyl.
UVan Niekerk usemele elakuleli amahlandla amabili kuma-Olympic. Kwawango-2016, eRio de Janeiro, eBrazil, wazakhela igama emhlabeni ephula irekhodi lika-400m, eqopha u-43.03.
Walandelisa ngesicoco somhlaba ebangeni elifanayo. Ngemuva kwalokho ngo-2017, lo mgijimi walimala kanzima emdlalweni wobungani we-Touch Rugby, nokwaholela ukuthi aphuthwe ngeminye imijaho emikhulu emhlabeni.
Kwimilenze emihlanu yeGrand Prix, kusele onamuhla, ePotchefstroom, eNorth West, oseGermiston Stadium, eGauteng nowokugcina eGreen Point Athletics Stadium, Cape Town.
I-Athletics South Africa (ASA) imemezele ukuthi ePotchefstroom, kuzobonakala umpetha wakuleli kwibanga lika-100m, u-Akani Simbine. USimbine uzogijima ku-200m.
Uzoncintisana nezinyamazane ezinjengoLuxolo September noSibusiso Matsenjwa waseSwatini.
UCaster Semenya ukhuza ibuya kulolu chungechunge. Namuhla, uzogijima u-2 000m. KobuseKapa emasontweni edlule unqobe ku-3 000m, ngesikhathi esiwu-8:54.97.
KwabaKwaZulu-Natal, uZakithi Nene uzogijima ku-400m. Ngesonto eledlule, lo msubathi ubeshaywa uvalo lokuthi umkhuhlane abuye nawo kumaWorld Athletics Indoor Championships, eSerbia, ungase umvimbe ukuya ePotchefstroom. Uthe useluleme.