USEZOGXILA kwezamabhizinisi nasekujimiseni abantu umshayisibhakela, uMoruti "Babyface" Mthalane, osewaphanyeke emgibeni amagilavu.
UMthalane waseLotheni, eMpendle, uvalelise phambi kwezinkumbi zabalandeli bamankomane ePietermaritzburg City Hall, eMphithi, ngeSonto ngokwehlula ngamaphuzu uDiomel Diocos wasePhilippines empini yemizuliswano engu-10.
Le mpi kade ingeyosuku kwebezihlelwe yiMvelo Boxing Promotions kaNomvelo Magcaba-Shezi waKwaXimba, eCato Ridge. UMthalane, othathwa njengenkunzi emhlabeni esisindweni se-flyweight, uphanyeke amagilavu emgibeni emuva kweminyaka engu-22 eyibambile kwezamankomane kusukela ngo-2000 kuya ku-2022. Kule minyaka uwine ibhande laseMzansi, elomhlaba le-IBF kabili, ele-IBF International, ele-IBO neleWBC Silver. Ezimpini ezingu-43, uwine ezingu-40.
"Ngineminyaka engu-22 esibhakeleni. Ngicabanga ukuthi sengikwenze konke. Ngiwahambile amazwe ahlukene, ngawina ngaphinda ngahlulwa. Ngihlulwe ezimpini ezintathu kwezingu-43 (ngaphambi kweyangeSonto). Uma ngibheka, le minyaka engu-22 miningi kakhulu. Kwezemidlalo kufanele ubuye ushiyele abanye abasakhula. Ngizothanda ukuthi ngilekelele ekuvundululeni abanye ompetha bomhlaba esizoba nabo. Sengisithathile isinqumo sokuyeka isibhakela. Ngifuna ukuphumula manje. Ngithathe umhlalaphansi kodwa ngisazobonakala esibhakeleni," kusho uMthalane.
"Kukhona esengikuhlelile engizokwenza. Ngithathe isikhathi eside ngicabanga, ikakhulukazi emuva kokukhala ngaphansi eLondon (ehlwithwa ibhande le-IBF). Ngangithi ngithatha umhlalaphansi kodwa abantu engisondelene nabo bangibonisa ukuthi angiyeke ngokusemthethweni njengoba kwenzekile. Kusukela nyakenye bengihlela zonke izinto engizozenza uma sengiphumile esibhakeleni. Kukhona amabhizinisi ambalwa engingeke ngikwazi ukuwadalula lapha esengibheke kuwona. Nginemfuyo futhi ngijimisa abantu. Nginendawo yokujimisa eGoli. Ngingathi nje ngiyihlelele impilo ngemuva kwesibhakela."
Eringini ngeSonto, uMthalane ushaye isibhakela esisezingeni eliphezulu. Ubukhombisile ubungqwele aziwa ngabo emhlabeni wonke.
"Bekuyimpi yami yokugcina. Bengingalindele ukuthi abantu bazongijabulela kangaka ngesikhathi ngiyongena eringini. Kube yinto engingeke ngiyikhohlwe impilo yami yonke. Impi ihambe kahle kakhulu. Loya mfana bengizitshela ukuthi ulula ngesikhathi ngimbuka kuma-video akhe. Kodwa ngesikhathi sengibhekene naye ngibonile ukuthi isitayela sakhe sithanda ukuba nzima. Akungeneki kalula kuyena. Kodwa ngizitshelile ukuthi angisebenzise isipiliyoni sami, ngingajahi, ngishaye nje ngiqoqe amaphuzu. Bengingalindele ukuwina ngomngqimuzo womlalisa phansi. Bengifuna ukujabulisa abalandeli njengoba bejabulile, ngawina ngamaphuzu. Ngijabule ngokuthi ngiphumelele. Iyona nto ebengiyifisa ukuthi ngiphume esibhakeleni ngewini njengoba kujabule bonke abantu," kusho uMthalane.