XOLILE MPISANE
UFUNGA uyagomela ukuthi uzobuya eseshisa kakhulu kunakuqala umdlali weCell C Sharks, uSbu Nkosi, kulandela ukuhlinzwa eqakaleni.
Lo mdlali odume ngokushaya ama-try kwiSharks naseqenjini lesizwe amaBhokobhoko, uhlinzwe ngemuva kokuthinteka ezilolonga neqembu lakhe.
Ekhuluma ekhasini lakhe kwi-Instagram, uthe konke kuhambe kahle futhi usebheke ukululama ukuze abuyele enkundleni.
“Ngibonga uNkulunkulu ngokuthi ukuhlinzwa kwami kube yimpumelelo, ngizobuya maduze,” kubhala uNkosi. “Kulabo abangikhumbulayo, ngizobuya ngizonijabulisa maduze.
“Kulaba abamuncu ngokungabibikho kwami, lungisani imiphimbo yenu kusenesikhathi ukuze anganibindi amazwi enu uma sekuyisikhathi sokuwagwinya. Ngifunga umama."
UNkosi ugcine ukubonakala eqenjini leSharks ngesikhathi libhekekene neBenetton yase-Italy, emdlalweni we-United Rugby Championship ngoFebhuwari 26.
Uke wamataniswa nezimbangi ezinkulu zeSharks, iVodacom Bulls. Abanye abebephawula ezinkundleni zokuxhumana bebethi yisona sizathu esenza angalitholi ijezi.
Nokho umqeqeshi weSharks, uSean Everitt, ulucacisile lolu daba wachaza ukuthi lo mdlali ubengaphilile futhi kusadingidwa ngekusasa lakhe.
Nakuba ijubane likaNkosi lizokhumbuleka uma egcina ngokushiya ayodlala eLoftus, ayakhula amahebezi okuthi iSharks ihlose ukusayinisa omunye umdlali onesivinini ngonyaka ozayo.
Ngokubika kwephephandaba iRapport, owayedlalela amaBhokobhoko neLions, u-Aphiwe Dyantyi, angase avumbuke kwiSharks uma kuphela isigwebo sakhe ngo-Agasti wonyaka ozayo.
Leli phephandaba lithe lo mdlali oneminyaka engu-27 ubudala, usefudukele eThekwini, lapho ezoqala khona ukuzilolonga yedwa elungiselela ukukhuza ibuya.
UDyantyi wamiswa iminyaka emine ngemuva kokutholakala kwezakhamzimba ezingekho emthethweni egazini ngesikhathi ehlolwa ngo-2019.
Waliphika icala futhi wazama ukuphikisana nalesi sinqumo amahlandla amaningi kodwa yonke imizamo yakhe yangaphumelela.
Owayengumdlali wamaBhokobhoko neSharks, uJohan Ackermann, ungomunye wabadlali abakwazi ukubuyela enkundleni ngemuva kokumiswa ngenxa yesizathu esifanayo.
Wayesadlale imidlalo emine kuphela kumaBhokobhoko ngesikhathi emiswa iminyaka emibili ngo-1997.
Ngo-1999, wabuya wadlalela inqwaba yamaqembu kuleli naphesheya ngaphambi kokuwagaxa emgibeni ngo-2007.
Njengamanje, u-Ackermann ungumqeqeshi weqembu laseJapan, i-NTT DoCoMo Red Hurricanes Osaka.