KUBUKEKA sengathi uzophinde uphazamiseke umgqigqo womgadli wakuleli uPercy Tau, ophinde walimala eseqala ukuthola amathuba okudlala eqenjini lase-Egypt, i-Al Ahly.
NgoMsombuluko ebusuku uTau ushaye igoli lesibili ngesikhathi iRed Devils ibhaxabula i-Al Ittihad ngo 3-0 emdlalweni we-Egypt Premier League.
Nokho kudingeke ukuthi akhishwe ngomzuzu ka-88 ngemuva kokulimala umsipha osethangeni ngemuva (hamstring). Lokhu kuphoqe iqembu lakhe ukuthi liqede umdlalo selinabadlali abangu-10 enkundleni njengoba beselenze ushintsho lwesihlanu ngomzuzu ka-84.
Ngokwesitatimende esishicilelwe kwi-website yaleli qembu izolo ekuseni, lo mdlali uxilongiwe kanti kuzocaca uma sekuphume imiphumela ukuthi uzohlala isikhathi esingakanani engadlali.
"UDkt. Ahmed Abu Abla, udokotela weqembu, uthe uPercy Tau uhloliwe ukuze kubonakale izinga lokulimala kwakhe nesikhathi azosihlala engadlali," kusho isitatimende.
"U-Abu Abla uchaze ukuthi uTau ulimele umsipha ongemuva ethangeni kuvezwe yi-ultrasound namuhla ekuseni. Uthe yimiphumela ezocacisa ukuthi ulimele kangakani nokuzomele akwenze ukuze alulame."
Bekungokwesibili uTau ebhakuzisa inethi kule sizini njengoba ethole igoli lakhe lokuqala ngesikhathi bedla iGhazi El Mehalla ngoDisemba 7.
Ngaphambi kwalo mdlalo wayegcine ukushaya igoli ngoMeyi bebhekene ne-ES Setif koweCaf Champions League.
Ukushaya kwakhe igoli lokuqala kwenze ukuthi umqeqeshi waleli qembu, uMarcel Koller, amncome lo mgadli weBafana Bafana, waphinde wamqalisa kowe-Al Ittihad.
“Lo mdlali ubelimele ngakho-ke bekumqoka ukuthi athole ithuba khona ngizombona,” usho kanje umqeqeshi ecashunwa yiKing Fut.
“Bengazi ukuthi uTau uyakwazi ukudlala phambili futhi udlale kahle yize engakafiki ezingeni lakhe elifanele ngenxa yokuthi usanda kululama.
“Indlela aphuma ngayo isikhala enkundleni aphinde afake ingcindezi ezitobheni yinhle kakhulu. Ngihlabeke umxhwele.”
Selokhu lo mdlali afika kwi-Al Ahly esuka kwiBrighton and Hove Albion yase-England ngo-Agasti nyakenye uneshwa lokuthi uma eseqala ukudlala kahle avele alimale.
Lokhu kuholele ekutheni umqeqeshi weBafana, uHugo Broos, aphakamise ukuthi kumele ahlaliswe noma izinyanga eziyisithupha engadlali ukuze alulame ngokugcwele.
Kamuva uBroos ubethe kungangcono ukuthi uTau alishiye leli qembu lase-Egypt ukuze athole amathuba angcono okudlala kwenye indawo.
“UPercy usedlale imidlalo embalwa eqenjini lesizwe selokhu ngafika kodwa angikaze ngimbone edlala ngokuphelele,” kusho uBroos ngenyanga edlule.
“Sonke isikhathi ubelokhu elulama ekulimaleni okuthile. Ngeke sisho ukuthi kule midlalo ayidlalile nathi sibone uPercy Tau wangempela.
“Ngiyethemba ukuthi uzoqala adlale ngoba siyamdinga umdlali onjengoPercy eqenjini lethu.
“Nokho, okwamanje, ngeke sikwazi ukukhuluma ngoPercy Tau osezingeni eliphezulu ngoba akadlali njalo eqenjini lakhe e-Egypt.”
Sekubonakala sengathi ukuya kwelinye iqembu ngeke kushintshe okuningi uma lo mdlali esazoqhubeka nokulimala njalo.
I-Al Ahly iqhwakele kwi-Egyptian Premier League ngamaphuzu angu-18 emidlalweni eyisithupha njengoba isayinqobe yonke imidlalo yayo eyisithupha.
Leli qembu lisanda kufakwa kuGroup B kuqhathwa amaqoqo eCaf Champions League ngoMsombuluko. Lizobhekana ne-Al Hilal yaseSudan, iCoton Sport yaseCameroon kanye neMamelodi Sundowns yakuleli, okuyiqembu uTau ake agijima kulona phambilini.