SITHEMBISO MKHIZE
ENYE yezintandokazi zababhukudi bakuleli, uTatjana Schoenmaker (24), izinike ithemba lendondo izakhamuzi zaseNingizimu Afrika, ngesikhathi iphula irekhodi lama-Olympic Games kwi-Women's 100m Breaststroke ngeSonto kweyokuhlunga, eTokyo Aquatic Centre.
Le ntokazi eyatholaa izindondo zegolide ezimbili kumaCommonwealth Games ngo-2018, kulo leli banga naku-200m Breaststroke, ishaye isikhathi esiwu-1:04.82 kweyokuhlungela eyandulela owamanqamu.
Isibili sithathwe nguLydia Jacobs wase-USA (1:05.52), isithathu kwaba nguLilly King wasezweni elifanayo ( 01:05.55).
UTatjana uphule irekhodi likaLilly lika- 1:04.93 alenza kuma-Olympic adlule eBrazil. Nerekhodi lomhlaba liphethwe nguye uLilly, elesikhathi esiwu-1:04.13.
Namhlanje ekuseni lo mbhukudi uqhubekile nokwenza kahle engena kowamanqamu. Yize engakwazanga ukushaya isikhathi esisheshayo kunasibeke ngeSonto kodwa uphume endaweni yokuqala kowandulela owamanqamu enqoba ngo-1: 05:07. Ubehlula yena uKing ophume endaweni yesibili. Laba sebezokhiphana inkani kowamanqamu kusasa ngo-4.15 ekuseni.
Kweminye imidlalo yangeSonto yabakuleli emjahweni wamabhayisekile, intokazi u-Ashleigh Moleigh Moolman-Pasio ayilibonanga elidlalayo ilala endaweni ka-13. Uzakwabo uCarla Oberholzer akawuqedanga umjaho.
KwiWomen's Artistic Gymnastics, uNaveen Deries akabanga nesiqalo esihle. Okwamanje ukleliswe endaweni yesithupha. Nokho usenalo ithuba lokwenza kahle kuma-sub-division amabili amsalele.
KwiRowing esigabeni iMen's Pair, uLuc Daffarn noJake Green baqede kweyesihlanu kweyokuhlunga ngoMgqibelo, eSea Forest Waterway. NgeSonto basonge kweyesine (9.95). Lokhu kusho ukuthi sekuphelile ngethuba lezindondo kubona.
Kwi-Skateboarding Men's Street, kuhlungwa uBrandon Valjalo uzifake emabhukwini omlando elala kweka-18 ekubeni eqala ukudlala kuma-Olympic. Nokho uhlulekile ukufinyelela kowamanqamu.