UMSHAYISIBHAKELA osemncane waKwaZulu-Natal, uNtethelelo “Smiling Assasin” Magcaba, kungenzeka kuphele lo nyaka eselilwelile ibhande le-SA Junior Bantamweight ngemuva kokujabulisa abalandeli bakhe enqoba ibhande le-ABU-SADC ngempelasonto edlule.
UMagcaba (20), odabuka KwaXimba, ushaye u-Andile Mafeka waseFree State ngomngqimuzo womlalisa phansi emzuliswaneni wesithathu. Ngemuva kwalezi zimpi ebeziseThe Station Urban Event Space, eThekwini, uNomvelo Magcaba-Shezi weMvelo Boxing Promotions, obezihlela ubehleka yedwa njengoba zontathu izicoco ze-ABU-SADC zisale kulesi sifundazwe.
Abanye abazinqobile uPhikelelani "Stinga" Khumalo waseMthwalume oshaye uFaustin "Boom Boom" Bukasa waseDRC ngomcacamezelo womlalisa phansi emzuliswaneni wesithathu. Bebelwa kwiMiddleweight. Lesi sicoco sinqotshwe nawuMnelisi Ndlovu wakhona KwaXimba. Ushaye ngendlela efanayo u-Arnel Lubisi waseMpumalanga emzuliswaneni wesine esigabeni se-Bantamweight.
Bobathathu laba bashayisibhakela baphinde babe ngompetha bamabhande aKwaZulu-Natal.
Okuqaphelekile ukuthi izinga lokuhlelwa kwalo mqhudelwano nesibhakela esishaywe amabhokisa bekusezingeni eliphezulu. Bekungekho nendawo yokubeka unyawo ngenxa yokugcwala. Njengamanje isicoco seSA Junior Bantamweight asiphethwe muntu.
Silaxazwe uPhumelele Cafu wase-Eastern Cape ozolwa noKosei Tanaka waseJapan kweyebhande le-WBO World Junior Bantamweight, ngo-Okthoba 14 ekuhambeni.
Ele-SA Junior Bantamweight lizobangwa uSihle Jelwana noLwando Mngambi emqhudelwaneni ohlelwa iJackie Brice Boxing Promotions, ngoSepthemba 25, eKapa.
Ngaphambi kwempi yangempelasonto edlule uMagcaba ubekleliswe kweyesihlanu ezilinganisweni zeBoxing South Africa (BSA) kulesi sisindo.
Kulindeleke ukuthi anyukele kweyokuqala njengoba enqobile.
UNomvelo uthe uma konke kuhambe kahle bahlela ukuthi ngoDisemba baqhathe uMagcaba nozonqoba ngoSepthemba 25, eKapa.
"Asikho isikhathi sokuphumula. Ezinsukwini ezimbalwa ezizayo ngizoqala ukubheka uxhaso ukuze uNtethelelo afake inselelo kozonqoba ibhande le-SA Junior Bantamweight ngoSepthemba 25. Uma lokhu kugcine kwenzekile asingabazi ukuthi lesi sicoco sizosala KwaZulu-Natal. Kuzomele uNtethelelo asheshe awaqale amalungiselelo ale mpi. Inhloso ukuthi noMnelisi noPhikelelani bagcine nabo bewalwelile amabhande kazwelonke. Ukunqoba kwabo kuzobenyusa ezilinganisweni zeBSA," kubeka uNomvelo ongudadewabo kaNtethelelo.
Ubonge eMnyangweni wezeMidlalo, Durban Tourism nasenkampanini yezokuthutha, iSmart Mover ngokumxhasa.
"Ngibonga kakhulu nakubo bonke abantu abebehambele lezi zimpi. Angisayiphathi eyabantu baKwaXimba, bafike ngamabhasi amane. Ngibonga nasemabhokiseni ngokuzimisela. Enza ngibe nothando lokuhlale ngiwaqhatha."