UMQEQESHI weqembu lesizwe labasubathi bamabanga amafishane, uWerner Prinsloo, unethemba lendondo ku-Akani Simbine ozoyibamba ku-100m kuma-Olympics abanjelwe eTokyo, eJapan.
USimbine walala isihlanu kowamanqamu kuma-Olympic ayegijinywa ngo-2016. Uhlelo lokugijima luzoqala kusasa.
Ngaphambi kokulibhekisa eTokyo, eJapan, unqobe ibanga lika-100m ngesikhathi esiwu-9.84 kwiGyulai Istvan Memorial, eSzekesfehervar, Hungary.
Ngokushaya lesi sikhathi, uphule irekhodi lakhe lakuleli lika-9.89 nelase-Afrika lika-9.85 elanqoshwa wu-Olusoji Fasuba waseNigeria, ngoMeyi 2006.
KwiDiamond League ebeyandulela lo mjaho, nakhona uSimbine wakhonya, eshaya intambo ngesikhathi esiwu-10.08.
Ngaphambi kwalolu chungechunge obeluseFlorence, e-Italy, wahola iqembu lakuleli le-relay lika-4x100m ngesikhathi linqoba indondo yegolide kumaWorld Relay Championship, ePoland.
"Uhambo lwami noSimbeni empeleni lusuka ngo-2019, kuma-World Championship, eDoha. Ukulala isine kwi-100m kwaba buhlungu ngendlela eyisimanga. Uzokhumbula ukuthi nango-2016, kuma-Olympic, eBrazil, waphuma kweyesihlanu. Ingo-2018, emidlalweni yamaCommonwealth lapho enza kahle khona enqoba. Sibe namalungiselelo amahle, waphinde wenza izikhathi ezinhle ngaphambi kokuthi sitheleke lapha eTokyo.
“Ngicabanga ukuthi sekumfanele ukubalwa nabasubathi bezinga eliphezulu emhlabeni kuleli banga. Kuma-Olympic akulo nyaka izinto zihlukile, ibanga lika-100m livulelekile. Kakusewona umcimbi ka-Usain Bolt njengoba kade kwenzeka eminyakeni edlule. Naye uBolt wazisholo yena ukuthi uSimbine unekusasa elihle," kubeka uPrinsloo.
Uqhube wathi: "Okuhle ngoSimbine noWayde (Van Niekerk) bayakuqonda ukuthi kulindelwe lukhulu kubo. USimbine kulindelwe indondo yakhe yokuqala, kuWayde kubhekwe ukuthi avikele irekhodi lakhe (kwibanga lika-400m). Ngibatshelile ukuthi kabasijabulele isikhathi sabo bekuma-Olympic. Okuhle kabaqali ukuncintisana kulo mqhudelwano. Angingabazi ukuthi yena nabanye uma beke bafinyelela emijahweni yamanqamu bazobuya nazo izindondo.“