UNGENWA ngamanzi emadolweni umshayisibhakela wasoLundi, uMxolisi Sibiya, uma ecabanga eyokulwa ebukwa yizinkumbi zabantu bangakubo.
USibiya (3-2-0) waseMtikini, uzoxhimfana noMpilo Cele (4-2-0) waseMlaza, empini yebhande lesifundazwe leKZN Bantamweight ePrince Mangosuthu Buthelezi Stadium, Olundi, ngoNovemba 26.
Le mpi ingenye yezibhekwe ngabomvu kwezihlelwe yiLudonga Boxing Promotion ngokubambisana noMnyango wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko KwaZulu-Natal noMasipala wasoLundi.
Empini yosuku, uSabelo Cebekhulu uzodudulana noMawande Mantrose wase-Eastern Cape. Bazobanga ibhande le-WBF International Bantamweight.
"Ngijabule kakhulu ngokuthi ngizolwela isicoco. Leli yithuba lami lokuqala. Kodwa nginovalo uma ngicabanga abantu bangakithi abazophuma ngobuningi bezongibuka. Yithuba lokuthi babone ukuthi kungani ngihlala ngijima. Abanye bahlala bengibuza ukuthi kungani ngiboqoke kanje uma ngilungiselela impi? Uvalo enginalo elokulwa phambi kwabantu abaningi," kusho uSibiya.
USibiya uqale isibhakela esikhokhelayo ngo-2019, esuka esigabeni sama-amesha. Empini yokuqala wehlule uSiphamandla Maphanga eMgungundlovu.
Nakuba uSibiya, oqeqeshwa nguThalente Zulu, ezobe eqala ukulwela ibhande kodwa kuzodingeka akhiphe wonke amandla uma efuna ukuwina kuCele oseke walilwela. Empeleni uCele ukhale ngaphansi elibanga noSiyabonga Mpangela waseMpangeni, ezinyangeni ezedlule eThekwini. Nokho uvuke wazithatha, wehlula uManelisi Ndlovu ngoSepthemba, empini obekungeyona esebhande.
"Umqeqeshi ungikhombisile i-video yempi yakhe. Nginalo iqhinga engizolisebenzisa ukuze ngiyiwine impi. Ngifuna ukuwina ibhande. Kufanele nginyuse izinga ukuze abantu bezobona ukuthi sikhona isibhakela Olundi," kusho uSibiya.
USibiya uveze ukuthi akukadluli enhliziyweni yakhe eyokudlula emhlabeni kukaNkosinathi Biyela ayejima naye. Uthe emuva kokushona kukaBiyela obebagqugquzela, ijimu yabo ihlakazekile.
UZulu uthe abanalo uvalo ngempi noCele ngoba wambona elwa, ngakho indlela aqeqesha ngayo uSibiya ihambisana nakubonile. Wathi ayikho inkunzi ekhishwa esibayeni sayo.