Njengoba esanda kunqoba izicoco zemijaho ka-800m no-1500m kwi-ASA Senior Track and Field Championships eKapa, lo mgijimi oneminyaka engu-20 uphinde wenza ezibukwayo eNairobi eshiya phansi umpetha womhlaba, uHalimah Nakaayi wase-Uganda.
EKapa uSekgodiso waqeda umjaho ka-800m ngesikhathhi esingu-2:03.31, eKenya ugijime isikhathi sakhe esishesha kunazo zonke ake wazigijima enqoba umjaho ngo-1:58.41.
UNakaayi ugcine elale isihlanu ngo-2:00.93, endaweni yesibili kwangena uMary Moraa waseKenya ngo-1:59.87.
Isikhathi sikaSekgodiso simbeka endaweni yesibili uma kukleliswa ezingcono eziqoshwe ngabagijimi besifazane ku-800m kulo nyaka. Ohamba phambili ngowase-United States of America (USA), u-Allie Wilson, ogijime u-1:58.18 eCalifornia ngoLwesihlanu.
Ngesikhathi esisha uSekgodiso, odabuka eLimpopo kodwa osezinze eTshwane, usezibekisele indawo kumaWorld Championships azoba se-Oregon e-USA ngoJulayi njengoba kudingeka isikhathi esingu-1:59.50 noma ngaphansi.
"Ngijabule kakhulu ngoba bengihlose ukugijima ngaphansi kwemizuzu emibili, ngiphinde ngikwazi ukungena kumaWorld Championships. Zonke izinto seziqondile manje," kusho uSekgodiso exoxa ne-Athletics Africa.
"Akusadingeki ukuthi ngizikhandle kakhulu kuma-African Athletics Championships ngoba umsebenzi wokuhlungela iWorld Championship usufeziwe manje.
"Ukugijima kwami isikhathi esingcono kakhulu kukhombisa ukuthi konke kuhamba kahle futhi sengikulungele ukubhekana nanoma yini engizohlangabezana nayo."
Ama-African Athletics Championship azoba seMauritius ngoJuni, kodwa uSekgodiso unesifiso sokubamba iqhaza kwiDiamond League ezoqala kule nyanga.
“Anginaso isiqiniseko sokuthi yimuphi umjaho olandelayo engizowungenela kodwa iphupho lami wukugijima kwiDiamond League,” uphethe kanje.
Umlenze wokuqala weDiamond League ozoba seDoha ngoLwesihlanu kodwa kawunawo umjaho wabesifazane ka-800m. Uzobe ekhona emlenzeni olandelayo eBirmingham, e-England, ngoMeyi 21 nase-Eugene, e-USA, ngoMeyi 28.