XOLILE MPISANE
UVULELE ozakwabo indlela umbhukudi wakuleli, uTatjana Schoenmaker, enqobela iNingizimu Afrika indondo yokuqala kumaTokyo Olympics ngoLwesibili ekuseni.
USchoenmaker (24) ungene endaweni yesibili emjahweni wamanqamu wabesifazane kwi-100m breaststroke ngesikhathi esingu- 1:05.22.
Indondo yegolide ithathwe uLydia Jacoby wase-United State of America (USA), ongene ngesikhathi esingu- 01:04.95, eyethusi yathathwa uLilly King, naye odabuka e-USA, u-1:05.54.
Bekuvele kuthembisa ukuthi uSchoenmaker uzobuya nokuthile kulo mjaho njengoba adla umhlanganiso emzuliswaneni wokuqala, waqopha nerekhodi elisha lama-Olympic elingu-1:04.82.
Uphinde wenza ezibukwayo enqoba kowandulela amanqamu, eshiya ngemuva uKing, owayethole indondo yegolide kumaRio Olympics futhi ophethe irekhodi lomhlaba.
Uqophe umlando wokuba umbhukudi wesifazane wokuqala wakuleli ukuthi awine indondo yama-Olympics eminyakeni engu-21.
Selokhu kwagcina uPenny Heyns, owabuya neyethusi emjahweni ofanayo kumaSydney Olympics ngo-2000.
“Angikhali ngalutho. Ukuphuma nendondo kusho lukhulu. Izwe lami libhekene nobunzima njengamanje. Uma nje ngikwazi ukubanikeza ithemba lokuthi akukho okungeke sikwenze siyiNingizimu Afrika, ngikwenzile lokho,” kusho uSchoenmaker ngemuva komjaho wamanqamu.
Khonamanjalo, ubuyise ithemba lokuthi angazuza enye indondo umbhukudi wakuleli oyisilomo uChad le Clos, ongene kowamanqamu kwi-200m butterfly yabesilisa.
ULe Clos (29), uphume phambili emjahweni owandulela owamanqamu, awuqede ngesikhathi esingu-1:55.06.
Wenze kangcono kunesikhathi esingu-1:55.96 asishaye emzuliswaneni wokuqala, nesenze ukuthi angene ngengcuphe kowandulela amanqamu.
Umjaho wamanqamu kwi-200m butterfly yabesilisa ungoLwesithathu ekuseni ngo-03:49.
Kuzomele akhuphule amasokisi uLe Clos uma efuna ukubuya nendondo njengoba uKristof Milak waseHungary benoLeonardo de Deus waseBrazil benze kangcono kunaye kulo omunye umjaho owandulela owamanqamu.
USchoenmaker usezongena emzuliswaneni wokuqala kwi-200m breaststroke yabesifazane ngoLwesithathu emini ngo-12:49.