UMSUBATHI wakuleli, u-Akani Simbine, obengomunye wabantu obekubekwe kubo amathemba endondo, uthi yize ephoxekile ngokungayitholi kodwa ngeke aliphonse ithawula.
USimbine olale endaweni yesine eqeda ngo-9.93 kowamanqamu ka-100m kuma Olympics, aseTokyo, eJapan, uveza ukuthi isekhona inhlansi yethemba. Ngelinye ilanga uthe uyazibona eqhwakele phezulu eyokwamukela indondo emuva kokunqoba.
Kusale imizuzwana embalwa ukuthi athathe okungenani indawo yesithathu kulo mjaho, ogcine unqotshwa, uMarcell Jacobs, wase-Italy ngo-9. 80, walandelwa uFred Kelly wase-USA ngo-9.84 wathatha isiliva kwathi u-Andre de Grasse waseCanada washaya uSimbine ngo-9.89 wathatha ithusi.
USimbine echaza ekhasini lakhe lika-Twitter uthe ngoba imidlalo elandelayo isekhona usenalo ithemba lokuthi uzonqoba.
"Ukuqeda endaweni yesine akuthokozisi, ngiyabonga ngokungeseka nokuthembela kimi kulolu hambo. Kuhlala kuyintokozo ukumela izwe lami kulesi siteji. Iphupho lokuba phambili liyophumelela ngelinye ilanga," kusho uSimbine
Izakhamuzi zaseNingizimu Afrika zilokhu zimtuse njalo zimbongela nangokuthi akwazi ukuthatha indawo yesine nokuba ingxenye yama-Olympics. Abanye abantu bebelokhu belwa njalo bethi babona sengathi uyena obekufanele athathe indawo yesithathu.
USimbine kulindeleke ukuthi ahole iqembu lakuleli le-4x100m elisazogijima kule midlalo.