XOLILE MPISANE
UMSHWIBI wamaProteas, uKagiso Rabada, uthi babheke ukukhuphula amasokisi ngemuva kokuthola iwini emqoka kakhulu bedlala ne-Bangladesh, ochungechungeni lwemidlalo yosuku olulodwa ngeSonto ntambama.
Ngemuva kokudliwa ngama-run angu-38 kowokuvula obuseCenturion, ngoLwesihlanu, amaProteas abuye kahle kowesibili eWanderers, anqoba ngamawikhethi ayisikhombisa.
Izivakashi ziwine ithosi zakhetha ukubhetha kuqala, zahlanganisa ama-run angu-194 kuma-overs angu-50, sezilahlekelwe ngamawikhethi ayisishiyagalolunye. NguRabada owenze umonakalo omkhulu njengoba ethathe amawikhethi amahlanu.
AmaProteas abhethe kahle futhi afinyelela kuma-run angu-195 kwi-over ka-38, elahlekelwe ngamawikhethi amathathu kuphela. URabada uthe akubaphathi kahle ukuthi sekuwumkhuba ukuthi bahlulwe emdlalweni wokuqala bese bezifaka ngaphansi kwengcindezi.
“Ngisazibuza ukuthi kungani siwathole ngokushesha amawikhethi emdlalweni wesibili kodwa sahluleka kowokuqala?" kusho uRabada.
“Ngicabanga ukuthi senze kangcono ngebhola elisha kodwa saphosa kahle naseCenturion. Ibhola silibeke ezindaweni ezifanele njengoba senza emdlalweni wokuqala, umehluko ukuthi sivunywe inkundla yaseWanderers.
“Kuyakhathaza ukuthi sesijwayele ukuluqala kabi uchungechunge ngoba kubalulekile ukugadla kuqala. Yinto esikhuluma ngayo ngoba sekukaningi sibhekana nesimo esifanayo.
"Asithandi ukuzenzela umsebenzi ube nzima kodwa kunezinto ezimbalwa okumele sizilungise."
Yize ebe wumshwibi ovelele kulo mdlalo, uRabada uncome ukaputeni wakhe, uTemba Bavuma, oshwibe ama-over ayisithupha. URassie van der Dussen naye unikezwe ithuba lokushwiba i-over eyodwa wathola newikhethi kaShoriful Islam.
“UTemba uke ashwibe kumanethi, ikakhulukazi uma silungiselela ukudlala imidlalo yama-test,” kwengeza u-Rabada. “Uke wayeka ukwenza lokho ngoba esebonile ukuthi kunzima kangakanani. Ubejwayele ukukhala ngezinhlungu ngakusasa.
“Angikaze ngimbone eshwiba ama-over amaningi kangaka emdlalweni wangempela futhi wenze kahle. Angicabangi ukuthi amaqembu amaningi angalindela ukuthi aphose kahle njengoba enzile.
“Nakanjani uRassie uzowakhipha amazwana okuthi usengumdlali okwazi ukwenza zonke izinto ngemuva kokuthola iwikhethi. Usezolicela njalo ithuba lokushwiba kule midlalo ezayo."
Njengoba la maqembu ebambene ngo-1-1, konke sekuzocaca emdlalweni wesithathu ozodlalelwa eSuperSport Park, eCenturion, ngoLwesithathu ngo-1 ntambama.