XOLILE MPISANE
ISIHLABANI sama-Proteas, uKagiso Rabada, sincome iqembu ngendlela elilwe ngayo lihlula i-New Zealand ngama-run angu-198 ngoLwesibili emdlaweni wesibili we-test obuseHagley Oval.
Iqembu lakuleli lathelwa ngehlazo emdlalweni wokuqala ngesikhathi lishaywa yiBlack Caps nge-innings nama-run angu-276. Lingene kowesibili lazi ukuthi kufanele linqobe ukuze uchungechunge luphele zibambene ngo 1- 1.
Ukaputeni u-Dean Elgar uwine ithosi wanquma ukuthi ezakhe zibhethe kuqala, zaqala ngegiya elihle ngokushaya ama-run angu-364, ziholwa u-Sarel Erwee oshaye angu-108.
Abashwibi nabo baqhubeke kulelo giya bayikhipha yonke i-New Zealand isashaye ama-run angu-294, kubhidlange kakhulu uRabada othathe amawikhethi amahlanu.
Iqembu lakuleli liphinde labhetha kahle kwi-innings yesibili layeka ukudlala selinama-run angu-354, lisalelwe yiwikhethi eyodwa. Kulokhu kugqame uKyle Verreyne ngama-run angu-136 kodwa uRabada naye wenza obekungalindelwe engeza angu-47.
INew Zealand ibidinga ukushaya ama-run angu-426 kwi-innings yesibili ukuze inqobe yangasondela nokusondela njengoba iphelele kwangu-227.
"Asidlalanga neze kahle emdlalweni wokuqala neNew Zealand kanti ngeshwa siyithole isefomini. Size kulo mdlalo singaphansi kwengcindezi yokuthi kumele sinqobe," kusho uRabada.
“Kusho lukhulu ukuthi sifike eNew Zealand sadlala ngokulingana kulolu chungechunge. Besingathanda ukulunqoba kodwa singazishayela ihlombe ngendlela esibuye ngayo.
"Akusizi ukuthi sikhulume ngendlela esabhacaza ngayo emdlalweni wokuqala kodwa sidinga ukuqaphela wonke amaphutha esiwenzile. Kusamele sibeke izinhlelo ezizosisiza ukuze sisheshe sijwayele izimo esidlala ngaphansi kwazo.
"Ukungalilahli ithemba yinto engaphakathi kithina bantu baseNingizimu Afrika futhi siphinde sakukhombisa lokhu kulolu chungechunge. Bekukuhle nokubona abadlali abasebancane beyibambe ishisa impi, okukhombisa ukuthi ikusasa liqhakazile."
URabada uqokwe njengomdlali ovelele kulo mdlalo ngemuva kokuthatha amawikhethi ayisishiyagalombili washaya nama-run angu-53. Uthe imidlalo efana nalena iyona eyenza abadlali baqine ngisho izinto zingahambi kahle.
"Akuvamile ukuthi noma yimuphi umdlali azizwe edlala ezingeni lakhe eliphezulu ngaso sonke isikhathi. Njalo uma uyodlala usuke uhlose ukuthi wenze izinto ezisobala ngendlela efanele," kusho yena.
“Umdlalo nomdlalo ufika nenselelo ehlukile kodwa uma uzethemba uyakwazi ukumelana nezimo ezehlukene.
"Kumele uzame ukuzakhela inhlanhla ngokusebenza kanzima nokucabanga izinto ezakhayo. Yilokho ebengizama ukukwenza."
AmaProteas asezobuyela kuleli ukuzobhekana neBangladesh emidlalweni emithathu yosuku olulodwa . Owokuqala uzodlalelwa eSuperSport Park, eCenturion, ngoMashi 18.