XOLILE MPISANE
UPHUMELE obala ngephupho lakhe lokudlalela amaBhokobhoko umdlali weVodacom Bulls, uMadosh Tambwe.
Lo mdlali ojwayele ukugijima ophikweni lwakwesokudla, wazalelwa eDemocratic Republic of Congo (DRC) kodwa wakhulela eGoli, waqeda isikole efunda eParktown Boys High.
Ukudlalela iqembu lezombhoxo elikhokhelayo ukuqale ngokugjima kumaLions ngo-2015, wajoyina iSharks ngo-2020, nyakenye ubuyele eGauteng, ukuyodlala kumaBulls.
Ungomunye wabadlali abagqamile eqenjini laseTshwane kwi-United Rugby Championship (URC), kanti useshaye ama-try amane futhi ubalwa nabahamba phambili ekudaleni amathuba.
Yize engakabi yisakhamuzi sakuleli kodwa kunamahlebezi okuthi uhlose ukugcina eligqokile ijezi lamaBhokobhoko, alingise uTendai ‘Beast’ Mtawarira, owazalelwa eZimbabwe, wagcina edlale imidlalo engaphezu kuka-100 eqenjini lesizwe lakuleli.
“Kungaba kuhle kakhulu uma ngingabizwa eqenjini lesizwe futhi kuyangijabulisa ukubalwa nabadlali abangase bakhethwe eqenjini elizodlala ngoJuni,” kuphawula uTambwe.
“Noma kunjalo, kufanele usibhekesise isimo ngoba eqenjini lamaBhokobhoko kunabadlali abanqobe iNdebe yoMhlaba abenza kahle kulezi zindawo engidlala kuzona.
“UMapimpi (Makazole) udlala kahle kwiSharks, uKolbe (Cheslin) wenza kahle eFrance, kanti kukhona no(Sbu) Nkosi.
"Bebeyingxenye yamaBhokobhoko eminyakeni emibili edlule futhi yibona okulindelwe ukuthi bakhethwe. Uma kwenzeka ngiqokwa ngingakujabulela ukuba yingxenye yeqembu elizodlala ngoJuni."
Sekunamanye amahlebezi okuthi uTambwe kungenzeka ashiye iBulls maduze, alibhekise eFrance ukuyodlalela iBordeaux kodwa wale waphetha ukuphawula ngalolo daba.
Njengamanje iBulls ibheke ukuqhubeka nomgqigqo wayo kwi-United Rugby Championship ngoMgqibelo ngo-2 ntambama, lapho izodlala ne-Ulster ekhaya.
ISharks izovulela amaqembu akuleli indlela ngoLwesihlanu ngo-7:30 ebusuku, uma isidudulana neDragons eHolllywoodbets Kings Park. EzikaSean Everitt zibheke ukubuya ngomfutho ngemuva kokuguqiswa yi-Edinburgh ngo 21-5 ekhaya ngempelasonto edlule.
Umdlali waphambili weSharks, uSikhumbuzo Notshe, uthe konke kulele ekutheni umdlali ngamunye azinuke amakhwapha, ukuze babuye nomgqingqo ophezulu uma sebebhekene neqembu laseScotland.
“Ngendlela engibona ngayo kumele siyeke ukwenza amaphutha, njengabadlali kumele sinyuse amagalelo ethu ukuze sibe ngcono kunezimbangi, yilokho engikubonile,” kusho uNotshe.
“Into engiyifundile kulo mqhudelwano ukuthi alikho iqembu okumele ulibukele phansi. Noma umphumela ungakuvezanga kodwa iDragons ilwile eTshwane. Sike sawubuyekeza umdlalo wabo neBulls sabona ukuthi bebezimisele. Uma singaya kulo mdlalo sibabukela phansi futhi sizitshela ukuthi kuzoba lula, sizoba nenkinga.”
Kweminye imidlalo ye-URC ezodlalelwa kuleli, iLions izodudulana ne-Edinburgh ngoMgqibelo ngo-4.05 ntambama, bese kuthi ngo-6:15 ebusuku kutholane phezulu amaStormers ne-Ospreys.