UBONA emakhulu amathuba okuphinda esango-2014, uLebo Phalula, ongomunye wabagijimi abathishwa ukudla umhlanganiso kwiSpar 10km Ladies Grand Prix, ngeSonto, eMgungundlovu.
Lo mlenze wokuqala uthathwa njengovulelekile ngenxa yokungabi bikho kwengqwele yawo, uHelalila Johannes owawunqoba ngo-2019, Gerda Steyn no-Irvett van Zyl abake balunqoba lolu chungechunge phambilini.
Bobathathu laba bagijimi bebekuma-Olympic Games eTokyo, eJapan.
Kulo nyaka ozoqeda lolu chungechunge enamaphuzu amaningi kwimilenze eyisithupha ezophothulwa eGqeberha, uzoklonyeliswa ngoR185 000.
UPhalula oseneminyaka egijima iSpar Ladies, utshele Isolezwe ukuthi ahambe kahle amalungiselelo omjaho.
Uthe okumjabulisa kakhulu wukuthi akalimele ndawo kulokhu.
Ukusho wangangabaza ukuthi uma kuze kwaphela yonke imijaho engalimalanga, makhulu amathuba okuthi abe yingqwele yalolu chungechunge. UPhalula wagcina ukunqoba iGrand Prix ngo-2014.
"Sigcina ukugijima iSpar Ladies ngo-2019, ngahlukunyezwa kakhulu wukulimala. Ngagcina ngilala indawo ka-12. Akwehli kahle kimi ukuthi sekuphele iminyaka emihlanu ngagcina ukunqoba lolu chungechunge. Nakuba ngingafuni ukuzifakela ingcindezi kodwa ngibona kuyithuba lami futhi kulo nyaka,“ kusho uPhalula.
Lo mgijimi ongaphansi kweBoxer AC, unqabe waphetha ukudalula isikhathi azimisele ukusenza ngeSonto
"Angifuni ukuzifakela ingcindezi yesikhathi, ngifuna ukukuthokozela ukugijima eMgungundlovu. Nokho kuzomele ngenze isikhathi esizongisiza ngokuqhubeka kwemijaho. Ukuthi ubani okhona nongekho, kuhlale kunzima ukugijima iSpar Ladies.“
Maningi amathuba okuthi uLebo agijime ngaphandle kwewele lakhe, uLebohang oxinwe wumkhumhlane.
Abanye abasubathi okubhekwe benze kahle eMgungundlovu, uKesa Molotsane owaba ingqwele yango-2017, noGlenrose Xaba owaba umpetha wango-2018.
Uma kusukwa eMgungundlovu, amabombo abheke eCape Town, ngoSepthemba 4.
Khonamanjalo; izolo yethulwe ngokusemthethweni iPrince Mangosuthu 52km Ultra Marathon ezogijinywa ngoSepthemba 5, phakathi kweNquthu neDundee.
Kuzoba ngokwesibili lo mjaho, ohlelwa yiBiggarsberg AC, ugijinywa.
Kukhona nebanga lika-10km nelika-5km.
Ku-52km, ozoshaya intambo uzogoduka noR100 000; isibili kube uR50 000 bese isithathu kube uR25 000.
Ku-10km, ozonqoba uthola uR3 000; isibili sithole uR2 500 bese kuba uR2 000 kolele endaweni yesithathu.
Imingenelo ka-52km uR130; kube uR50 ku-10km noR5 ku-5km