SITHEMBISO MKHIZE
UNXENXA umphakathi ukuba ugqugquzele abaphila nokukhubazeka emehlweni ukuthi bajoyine umdlalo we-blind cricket, uNdumiso Nyawose ohlabane ngendondo yeSports Administrator of the Year, emcimbini wamaSA Sports Awards, ngempelasonto edlule, e-ICC, eThekwini.
UNyawose (32) odabuka Ezinqoleni, eZingolweni, kodwa ozinze eNew Germany, eThekwini, uhlabane ngale ndondo ngenxa yokwengamela ngobuhlakani inhlangano elawula lo mdlalo kulesi sifundazwe, iBlind Cricket KZN. Ubuholi bayo obuqotho sekwenze yaphinde yanikwa isikhundla sokuba umhleli (National Co-ordinator) kwiBlind Cricket South Africa (BCSA).
Echaza ngesimo sakhe, uNyawose uthe naye unenkinga yamehlo. Uthe wazalwa ebona kahle, ngokukhula ukubona kwakhe ngokucacile kwehla.
Uthe ungena ngaphansi kweqoqo elibizwa ngo-B2 kwi-blind cricket. Uchaze ukubona kwalaba ngokungango-10%.
"Ngokunqoba indondo, ngibonga kakhulu umndeni wami nabangani abangiseka ngesikhathi ngiqala ukuba nenkinga yamehlo. Noma sengibatshela ukuthi sengizodlala lolu hlobo lwekhilikithi baqhubeka nokungeseka ngezindlela eziningi. Ngibonga kakhulu nakozakwethu kwiBlind Cricket KZN nakwiBlind Cricket SA. Le ndondo eyabo bonke laba," kubeka uNyawose oneziqu zeBachelor of Commerce kwiBusiness Management nakwi-Economics.
Echaza ngomdlalo wekhilikithi yabangaboni (blind cricket), uthe kwisikimu sabadlali abawu-11, abane kumele kube ngabaka-B1. Laba ababoni nhlobo. Abathathu kumele babe ngabaka-B2 bese abahlanu babe ngabaka-B3. Laba babona kangconywana uma kuqhathaniswa namanye amaqoqo.
Uthe abadlali bancika kakhulu emsindweni webhola. Linamagunquza ngaphakathi kwalo, enza umsindo. Liphinde libe mhlophe qwa. Ngesikhathi somdlalo abaka-B2 no-B3 balekelela laba abangaboni nhlobo ukubamba ibhola, ukubhetha nokushwiba.
"Ngiyacela emphakathini wakithi uvumele amalungu emindeni yawo ukujoyina lolu hlobo lomdlalo. Abantu abangaboni bagcina sebezivalela ezindlini, badliwe umzwangedwa, kwakheke nemicabango engemihle. Ngokujoyina i-blind cricket bathola ithuba lokuhlangana nabantu abanesimo esifana nesabo. Bayaziqeqesha, imizimba yabo ibe sesimeni esihle. Babuyelwa nayithemba ngempilo.“
UNyawose uthe KwaZulu-Natal banamaqembu akhiwe ngamaqoqo amathathu.
Ngelabe-Blind and Deaf Society, Disable People's Movement nelabeKZN Society for the Blind. La maqembu adlala kwi-Blind Cricket League.
Ngemidlalo yale ligi kube sekukhethwa iqembu lesifundazwe eliqhudelana nezinye. Lesi sikhulu siveze ukuthi ngo-Ephreli 15-18, eKingsmead Cricket Stadium, iKZN izobhekana neCentral Gauteng, emidlalweni yama-T20 emine neyama-ODI emibili.