ELINYE lamathemba eKwaZulu-Natal kwezokusubatha, uSiyabonga Nkonde, lizosebenzisa iDurban City Marathon ukuzicijela iTotalsport Two Oceans Ultra Marathon nama-ASA Marathon Championships.
IDurban City eyagcina ukusingathwa ngo-2019, izoba ngeSonto, eKings Park Athletics Stadium, eThekwini.
UNkonde osekuphele iminyaka emela iKwaZulu-Natal neNingizimu Afrika, emiqhudelwaneni yomhlaba, uthi ngeSonto uzogijima ibanga lika-10km. Amanye amabanga omjaho aphinde asetshenziselwe ukuhlungela iComrades Marathon, kube elika-42km nelika-21km.
Lo msubathi uveze ukuthi angajabula uma engenza isikhathi esiwu-28.55. Wathi lesi sikhathi singamsiza kwiTwo Oceans azogijima kuyo ibanga lika-21km. Umjaho omkhulu kwiTwo Oceans uzoba ngo-Ephreli 16-1 ngoka-56km, uzoba eKapa.
"Lolu wuhambo oluqala kwiDurban City luyophelela kuma-ASA Marathon Championship. Ukwenza isikhathi esiwu-28.55 kwiDurban City kungangisiza ekwenzeni esingaphansi kuka-64.00 eKapa. Akudlalwa kwiTwo Oceans 21km, kuyasheshwa kakhulu.
“IDurban City izongicacisela okuningi ngomzimba wami. Ngizimisele nokwenza isikhathi esihle kuma-ASA Marathon Championships," kubeka uNkonde, ophinde abe ngumqeqeshi kwiXcel Running Club.
Ama-ASA Marathon Championships angoMeyi 8, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, azoqhutshwa ngaphansi kweDurban International Marathon ehlelwa yiPhantane AC.
UNkonde ungene esikwatini seKwaZulu-Natal esiya kuma-ASA Marathon Championship ngokwenza isikhathi esiwu-02:20.24 kwiBest of the Best Marathon, ephuma endaweni yesihlanu.
Uthe okwamanje akakakucabangi ukugijima kwiComrades kodwa okumjabulisayo ukuthi ngonyaka odlule wenze kahle kwi-ultra marathon yakhe yokuqala. Ugijime iPrince Mangosuthu Ultra Marathon.
UCeli Makhoba, obheke konke okuqhubeka kwiDurban City, uthe balindele abagijimi abangu-4000. Imingenelo efakwa ngezobuchwepheshe (online) ivalwe ngoLwesihlanu olwedlule. Eyamafomu izovulwa ngoLwesihlanu, ivalwe ngoMgqibelo ntambama.
Sisekuzo ezithinta iComrades Marathon, abahleli bayo bamemezele ukuthi abagijimi bangakwazi ukuhlungela ukungena kuyo ngeTwo Oceans Marathon. Kuzomele benze isikhathi esiwu-6:45. Kwamanye amabanga njengo-50km kumele benze amahora amahlanu, ku-42km bagijime u-4:50.
IComrades izoba ngo-Agasti 28 nonyaka kanti iyibanga eliwu-90.2km isuka ngo-5.30 ekuseni eCity Hall, eMgungundlovu, iphelele eMabhida Stadium, eThekwini.