UMSHAYISIBHAKELA wesifazane waKwaZulu-Natal, uNomusa Ngema, ubona kuzomgqugquzela ukuqokelwa umklomelo kumaSouth African Boxing Awards.
UNgema waKwaMashu ungene esibhakeleni esikhokhelayo eminyakeni emibili edlule emuva kokugila izimanga esigabeni sama-amesha.
Usewine izimpi ezimbili kwezintathu. Uqokelwe umklomelo weFemale Prospect of The Year. Uzowubanga noThobela Nyanda, Simamkele Tutsheni, Monalisa Takane no-Asanda Simelani. Umcimbi wokuklomelisa abesibhakela uzoba ngoJuni 30 e-International Convention Centre (ICC) eThekwini.
"Ngiyajabula kakhulu ngokuqokelwa lo mklomelo. Ngethukile kancane kodwa nginalo ithemba lokuthi ngizowuwina. Ukuqokwa kwami kuzongikhuthaza ukuthi ngiqhubeke nokusebenza kanzima ukuze nangonyaka ozayo ngiqokelwe eminye imiklomelo. Kuyakhombisa ukuthi ukusebenza kwami kanzima kuthela izithelo," kusho uNgema.
Ukuphokophela impumelelo kuphoqe uNgema ukuthi afudukele eGauteng ezinyangeni ezedlule lapho eseqeqeshwa khona nguMichael Sediane we-African Child Events and Promotion. Kulesi sitebele ujoyine uSiphelele Myeza abakhule naye KwaMashu.
Ezinyangeni ezedlule uSediane ukhale ngokuthi abashayisibhakela baseMzansi bayenqaba ukulwa noNgema. Lokhu kuphoqe ukuthi azanyelwe izimbangi zangaphandle. Kwenye impi ebihlelwe yiStarline Boxing Promotions kaZandile Malinga, imbangi kaNgema ihoxe ngemizuzu yokugcina.
"Lokhu kungiphatha kabi. Abanye sazana nabo esigabeni sama-amesha. Ngakho abasafuni ukudlala nami. Lokhu kuyangivimbela ekutheni ngifeze amaphupho ami. Ngeke ngikwazi ukuwina ibhande laseKZN nelaseMzansi ngoba lawo adinga ngidlale nezimbangi zalapha ekhaya," kusho uNgema.
Omunye umklomelo obhekwe kakhulu eKZN ngowe-Aspiring Promoter of The Year ozobangwa nguHle Jobe weHle-Jobe Promotions, Linda Saliwa, Larry Waistein, Happy Tewo, Mokgapi Kgasago noNomvelo Shezi weMvelo Promotions.