XOLILE MPISANE
UMSHWIBI weqembu lakuleli lekhilikithi labesifazane, u-Ayabonga Khaka, usengene ohlwini olukhethekile kulandela ukudlala kahle emdlalweni wokuqala weNdebe yoMhlaba ngempelasonto.
UKhaka uthathe amawikhethi amane wasiza ama-Proteas ukuthi adle i-Bangladesh ngama-run angu-32 emdlalweni obunzima e-Dunedin, eNew Zealand, kulo mqhudelwano we-One Day International (ODI).
AmaProteas abhethe kuqala athola ama-run angu-207. IBangladesh iqale kahle futhi bekubukeka sengathi izosidlula lesi sibalo kodwa abashwibi bama-Proteas bayikhipha yonke isashaye ama-run angu-175.
Ngokuthatha amawikhethi amane uKhaka ube ngumshwibi wesifazane wesihlanu wakuleli ukuthola amawikhethi angu-100 emidlalweni yosuku olulodwa.
Abanye abadlali asebefike kuleli zinga ngu-Shabnim Ismail (165), Dane van Niekerk (138), Marizanne Kapp (135) no-Sune Luus (108).
UKhaka uthe ubegxile ekwenzeni izinto ezilula ngendlela efanele futhi ujabule ngokuba nesandla empumelelweni yeqembu.
“Ngithatha okwenzekayo usuku nosuku futhi angigxili kosekudlulile," kushi yena. "Besinomdlandla wokungena enkundleni njengabashwibi ukuze sitakule iqembu lethu futhi sakwenza lokho.
"Bengigxile ekutheni ngishwibe ibhola endaweni efanele nangejubane elifanele futhi kwangisebenzela lokho. Uma ulandela inhliziyo yakho uyaphumelelela.
"IBangladesh idlale kahle, abashwibi bayo badlale kahle basifaka ngaphansi kwengcindezi."
Umqeqeshi wama-Proteas, uHilton Moreeng, uthe uKhaka ungomunye wabadlali ababaluleke kakhulu eqenjini njengoba ejwayele ukudlala ezingeni eliphezulu.
“Ungomunye wamaqhawe anganakekile eqenjini lethu labashwibi,” kusho u-Moreeng.
“U-Ayabonga udlala ezingeni eliphezulu njalo futhi usebenza ngokuzikhandla ukuze athuthukise umdlalo wakhe.
“Konke okuhle akuzuzayo kungenxa yemisebenzi yakhe nokuqikelela ukuthi uyalithuthukisa ikhono lakhe.
“Uyawuthanda lo mdlalo futhi uyathanda ukufunda izinto ezintsha. Uthatha isikhathi uma ecubungula izinkundla esizodlala kuzona namaqembu esizobhekana nawo. Ngicabanga ukuthi yilokho okumenza agqame kakhulu uma izinto zingahambi kahle. Siyaziqhenya kakhulu ngaye."
UKhaka namaProteas bazodlala umdlalo wesibili weNdebe yoMhlaba ngoLwesihlanu uma sebebhekene nePakistan ngo-3 ekuseni ngokwesikhathi sakuleli.