ULIFANISA nengelosi ihhashi lakhe uDubane Gama, ongumnikazi wehhashi uNxakanxaka. Ubonga amagalelo ale njomane nakuba kukhulunywa ukuthi useyakwazi ukuphinde ahambe ngezinyawo zakhe.
Leli hhashi elineminyaka eyisikhombisa, laziwa ngokuhlale likhonya kwiDundee July Horse Racing.
Liqala ukuyingenela ngo-2016 lanqoba emjwahweni ka-grade 6.
Ngo-2017 abaphathi balo kabacucuzanga balifake emjahweni omkhulu, nakhona lashaya intambo.
Ngemuva kwalokhu alibange lisazithambisa njengoba ngo-2018 lilale isibili, ngo-2019 laphinda laba yingqwele. Ngo-2021 libuyele kweyesibili, kwathi nyakenye laphinda lawashaya wonke amakhanda.
Emjahweni walo nyaka uNxakanxaka udumaze abebemethembile elala kweyesihlanu. Ubegitshelwe nguPhelelani Thango.
Leli hhashi lase-Utrecht ngaseNewcastle, kaligcini ngokukhonya kwiDundee July, lidle umhlanganiso nakwiKing Cetshwayo July Horse Racing ebiqala ukugijinywa nyakenye.
Nakweminye efana neHarry Gwala neDumbe Horse Racing, liyazenzela. UGama uthe uyomkhohlwa efile uNxakanxaka ngenxa yakhe umndeni wakhe usuphila ntofontofo.
Uveze ukuthi nyakenye uhlaselwe ukugula okumshiye engasakwazi nokuhamba. Udalule ukuthi izindleko zodokotela zifinyelele kuR250 000.
"Ngenxa kaNxakanxaka sengiyakwazi ukuhamba. Ngenxa yakhe angibanga nayo inkinga yokukhokhela lezi zindleko. Ngemali yakhe sengakhe nesithabathaba somuzi ngaphinde ngathenga nemoto iFortuner.
Ngikhuluma nje uNxakanxaka unezinkomo eziwu-18 azinqobe ezitekini ezincane. Ngibonga uNkulunkulu ngaleli hhashi," kubeka uGama.
Uveze ukuthi ngoMgqibelo, uNxakanxaka unikela kwiKing Cetshwayo July ukuyovikela isicoco sakhe. Amahhashi azobe egabadula eMpangeni Airfield. Iyishumi isiyonke imijaho. Owabesifazane okhokhela uR10 000 konqobile.
Uzoguduka noR300 000 ujokhi ozoshaya intambo emjahweni omkhulu wabesilisa. Siwu-R990 000 isamba okuzocazelwana kuso imiklomelo.
IMeya yesifunda iKing Cetswayo, uThami Ntuli, ithe ngalo mjaho bahlose ukuhlonipha iSilo uCetshwayo KaMpande.
"Kulo nyaka silindele izethameli azingaphezu kuka-20 000 emcimbini wethu ozoba yizinsuku ezintathu. Nyakenye ezomnotho endaweni yethu zenyuka ngendlela emangalisayo.
Nakulokhu silindele okufanayo. Intsha yakithi izithola ithuba lokutshengisa amakhono ezintweni eziningi, okukhona kuzo ukugitshelwa kwamahhashi, kwezengqephu nakwezikaqeda isizungu," kubeka uNtuli.