UBONGE abaphansi uDan Moselakwe elala isibili kwiComrades Marathon ebisuka eThekwini, iphelela eHollywoodbets Scottsville Racecourse eMgungundlovu, ngempelasonto edlule.
Umsubathi waseNorth West, oqeqeshwa nguDave Adams, wenze isikhathi esingu-5:25.45. Ubelandela uPiet Wiersma waseNetherlands, oshaye intambo kuqalal ngesiwu-5:25: 00.
Ngokuphuma endaweni yesibili uMoselakwe, ogijimela iNedbank Athletics Club, ukhale wemuka nesamba sika-R612.500. Kube u-R412.500 awuthole ngokulala isibili no-R200 000 ngokuba owokuqala wakuleli ukufinyelela kuqala esiphethweni. Ngo-2022 waqeda endaweni yesithathu eqala ukuyigijima (5:36.25) kunqoba uzakwabo kwiNedbank, uTete Dijana.
Utshele Isolezwe ukuthi akayena umuntu ogajwa yinjabulo uma ethola imali. Uthe lena ayitholile uhlela ukuyilondolozela ingomuso ngoba esezinhlelweni zokwakha umuzi.
Le nsizwa ehlale imamatheka, beyihambele umcimbi wokuklomelisa abenze kahle emjahweni walo nyaka. Yazise Isolezwe ukuthi ngaphambi kokuya kulo mjaho iqale yaxhumana noyise, uMpho Frederick Machaila, ongasekho emhlabeni. Uthi ngemuva kwalokho uyise ufikile kuye ngephupho.
"Ngiyazi abantu abaningi ngeke bakholwe uma ngibatshela ukuthi ngixhumanile nobaba ongizalayo. Ufike kimi ngephupho. Ngimtshelile ngesifiso sami. Nebala unginikile amandla okuqeda endaweni yesibili,“ kubeka uMoselakwe.
Ngemuva komjaho ubonakale eguqa phansi, waphathatha izandla. Ebuzwa ngalokhu uthe ubebonga kuyise nakwabanye bakubo abangasekho.
"Ukukutshela iqiniso angibanga namalungiselelo amahle eComrades, umzimba wami ubungavumi. Ngesikhathi ngisanda kuqala umjaho ngizitshele ukuthi okungenani angilwele ukungena kwabayisihlanu abokuqala noma kwi-Top 10. Sengidlulile kuhhafu womzila ngivele ngafikelwa amandla ayisimanga. Angingabazi ukuthi abephuma kwabakithi. Kumqoka kimina ukuthi konke engikuzuzayo ngiqonde ukuthi akukona ukuhlakanipha kwami kodwa kungumusa wabantu abakithi abasigadile njengoba siphila kulo mhlaba.“
Ngaphambi kweComrades ugijime kwiSoweto Marathon aqede kuyo endaweni yeshumi. Uye naseBotswana, lapho athe waphazamiseka ngokuthi aduke nayegijima nabo. Uveze ukuthi okwamanje usezogxila ekugijimeni amabanga amafishane i-10km, 21km no-42km.