INHLANGANO eyengamele ikhilikithi kuleli, iCricket South Africa (CSA), isimqoke ngokugcwele uPholetsi Moseki, njengesikhulu esiphezulu.
Lesi sikhundla besingakavalwa ngokugcwele selokhu kwamiswa uThabang Moroe ngo-2019, wabe esexoshwa ngonyaka olandelayo.
UJacques Faul noKugandrie Govender bake babamba izintambo okwesikhashana ngaphambi kokuthi uMoseki aqokwe njengebamba ngoDisemba ka-2020.
Ibhodi le-CSA livumelene ngo-elethu ukuhambisana nesiphakamiso ebesenziwe yisigungu sokuqasha kule nhlangano sokuthi uMoseki anikwe lesi sikhundla.
“UPholetsi ukhombise ukuzinikela okumangazayo selokhu ajoyina umndeni we-CSA ngo-2019. Ube ngumxhumanisi obalulekile ebuholini bale nhlangano, ikakhulukazi ngezikhathi ezinzima," kusho usihlalo webhodi le-CSA, u-Lawson Naidoo.
“Ubambe elikhulu iqhaza ekutheni inhlangano ihambe ngendlela. Ibhodi lithanda nokubonga isigungu sokuqasha ngokwenza umsebenzi waso ngokucophelela ukuqinisekisa ukuthi sithola lo mphumela omuhle.
“Ibhodi le-CSA lizomeseka ngokugcwele uMoseki, liqinisekise ukuthi unikwa amandla futhi uhlome ngezinhlaka ezidingekayo ukuze aphumelele ukuyisa inhlangano phambili. I-CSA inenhlanhla yokuthi uMnuz Moseki ubebambe iqhaza ekwakhiweni kwezinhlelo ezintsha futhi uyazi lapho inhlangano ihlose ukufinyelela khona.
“Ukugcwalisa lesi sikhundla kuyigxathu elibalulekile ohlelweni lokulungisa ikhilikithi yakuleli kusukela phansi nokukhulisa lo mdlalo. Kuyangijabulisa ukuthi uPholetsi uvumile ukubhekana nale nselelo ethokozisayo futhi nginethemba elikhulu lokuthi uzoqinisekisa ukuthi ikhilikithi iba nesasasa ezweni lonke elizokwenza bonke abantu baseNingizimu Afrika, baziqhenye," kusho yena.
UMoseki ungene kwi-CSA ngoJuni ka-2019, njengesikhulu esiphezulu sezezimali ngaphambi kokuqokwa njengebamba esikhundleni sesikhulu esiphezulu.
“Ngijabule kakhulu ngokunikezwa leli thuba elikhulu kangaka ngesikhathi esibucayi kangaka sekhilikithi eNingizimu Afrika,” kusho uMoseki.
"Ngiyazazi izinselelo engisazobhekana nazo kodwa futhi ngiyazi ukuthi sizophumelela uma sibambisene futhi sizoqinisekisa ukuthi umdlalo esiwuthandayo ufinyelela ezingeni elisha. Ngibonga umndeni we-CSA nebhodi ngokungethemba.
“Inhlangano ibingakwazi ukukhangisa ezinye izikhala kuze kuvalwe lesi sikhundla, sithemba ukuthi maduze sizoqala uhlelo lokuzivala,” kusho uMoseki.