UMNYANGO wezeMidlalo, amaCiko namaSiko, oholwa nguHlengiwe Mavimbela KwaZulu-Natal, wethule ngokusemthethweni uhlelo olubizwa ngeNetball Fridays, okuhloswe ngalo ukugqugquzela umphakathi ukweseka ukuza kuleli kweNetball World Cup ngonyaka ozayo.
Lo mnyango, obuhambisana neNetball KwaZulu-Natal eholwa uGugu Ngema, wethule lolu hlelo KwaMsane Sports Complex, eMtubatuba, ngaphansi kwesifunda Umkhanyakude.
Imidlalo yomhlaba izoqala ngoJulayi 28 isongwe ngo-Agasti 6 ngonyaka ozayo, eCape Town International Convention Centre.
UMavimbela uthe njengoba kwakwenzeka ngaphambi kokuza kuleli kweFifa World Cup, bacela zonke izakhamuzi zigqoke amajezi eqembu lesizwe, amaSpar Proteas, njalo ngoLwesihlanu.
"Ngohlelo lweNetball Fridays sigqugquzela abantu bakithi ukulekelela ukwakha isasasa ngokuza kwemidlalo yomhlaba ye-netball kuleli. Izwe lakithi lagcina ukusingatha iNdebe yoMhlaba ngo-2010. Njengoba silethulele KwaMsane lolu hlelo yingoba kasifuni abantu bakithi, abasezindaweni zasemakhaya, basale ngaphandle kule ngqophamlando. Ngalolu hlelo kuzosunguleka noma kuzokwakheka izinto ezingamagugu, ezizoshintsha izimpilo zethu, esizosala sizikhomba uma sekudlule le midlalo,“ kusho uMavimbela.
Uthe baqhamuke nalolu hlelo ngoba befuna ukugcizelela emphakathini ukuthi iNdebe yoMhlaba eyawo wonke umuntu, akusiyo eyodolobha okuzodlalela kulona kuphela.
“Okusijabulisa kakhulu ukuthi kunezingane zethu ezintathu ezisesikwatini esicijelwa ukudlala kwiNdebe yoMhlaba. Ngifuna ukukucacisa ukuthi kakuzona lezi zingane ezenze sathula uhlelo lweNetball Fridays KwaZulu-Natal. Siqhamuke nalo ngoba sifuna abantu bakithi bazi ukuthi iNdebe yoMhlaba ize kithina sonke, ayiyona kuphela eyabantu baseKapa. Ezemidlalo zibalulekile ngoba zilwisana nezifo emizimbeni yethu. Uma uyingxenye yazo uyazivocavoca, uhlukane nayo yonke imikhuba emibi. Zikhanda namathuba emisebenzi nokuxhumana kwemiphakathi nezinhlanga ezahlukene," kubeka uMavimbela.
UNgema uveze ukuthi isikibha seqembu lesizwe sibiza uR250. Okwamanje zidayiswa iNetball South Africa (NSA). Uthe abazifunayo bangaxhumana nenhlangano yakhe ukuze izobasiza.
UMavimbela ubuye waveza nokuthi bazobuya ngamandla ekuthuthukiseni ezemidlalo ezikoleni.
"Phambilini uMnyango wezamaCiko nowezeMidlalo nokuNgcebeleka beyizimele ngokwehlukana. Ezinsukwini ezedlule kunqunywe ukuthi le minyango ihlanganiswe. Sekungowodwa obizwa ngoMnyango wezeMidlalo, amaCiko nezamaSiko. Wenganyelwe uMavimbela. Sisayine isivumelwano sokusebenzisana nowezemfundo ukuze ezemidlalo zibuyele ngokuphelele ezikoleni. Sifuna izinhlobo zemidlalo ezinhlanu cishe ezikuzona zonke izifunda zethu zidlalwe ezikoleni njalo ngoLwesine njengoba kwakwenzeka kuqala. Le midlalo isizohlanganisa nezamaciko. Noma ngabe ucula isicathamiya, ushaya ingoma, uLwesine sekuzoba ithuba lakho. Sicela nezimeya zakhe ingqalasizinda okuzoba lula ukufinyelela kuyo,“ kuphetha uMavimbela.