NAKUBA uNkosikhona "Pitbull" Mhlakwana ekugcizelela ukuthi akafuni ukuzifakela ingcindezi yokunqoba iComrades Marathon kodwa uthi uma engase awenze kahle amalungiselelo lo mjaho angawunqoba eminyakeni ezayo.
Lo msubathi waKwaMathandubisi, eHowick, kwiComrades yalo nyaka ulale indawo yesithupha ngesikhathi esiwu-5:43.28. Ungena kwi-Top 10 nje, bekungokwesbili engenela lo mjaho ohlonishwa umhlaba wonke.
Eqala ukuwugijima, wamangaza abantu abaningi elala endaweni yesi-11, ngo-2019.
Engxoxweni neSolezwe, uMhlakwana ongomunye wabasubathi abangaconsi phansi kwiHollywoodbets AC, uveze ukuthi lo nyaka umphathe kahle kakhulu.
Uthe nakuba engathandi ukuveza okuningi kodwa ukholelwa ekutheni ukube ubesenaso isipiliyoni esiphelele salo mjaho, ngabe uwunqobile kulo nyaka.
"Kunesikhathi lapho ngisePinetown engangizitshela khona ukuthi, hhayi bo nakho ngizoyinqoba iComrades Marathon ngibe ngiqala ukuyigijima okokuqala yehla. Kwathi sekusele amakhilomitha ambalwa, kumele sifike eMoses Mabhida Stadium ngezwa amandla ephela. Njengomyalelo womqeqeshi (uProdigal Khumalo), ngehlisa ijubane ngenhloso yokonga inkeshezana yamandla engangisele nawo.
“Ukube ngaba nenkani, ngawakhipha wonke amandla kwakuzokwenzeka esango-2019, lapho engeqa khona umugqa sengigaqa ngadolo. Kuqinisiwe uma kuthiwa isipiliyoni asithengwa. Uma ngingazihlela kahle izinto zami ngizibona ngiwunqoba lo mjaho esikhathini esingengakanani esizayo," kubeka uMhlakwana.
Kulo nyaka lo msubathi uphinde wamangaza abaningi elala indawo yesibili kwiTwo Oceans Marathon ngesikhathi esiwu-3:09:08. Abaningi bamsola ngokuyeka u-Edndale Belachew wase-Ethiopia (03:09:05) ukuthi agcine enqobile.
Kuwo lo nyaka uphinde wanqoba iBest of the Best Marathon ((2:16) nePDAC 25km (1:15). Ulale isibili kwiHillcrest 21km nakwi-Icons Journey Marathon 35km.
UMhlakwana ube eseveza ukuthi uma abasubathi baKwaZulu-Natal bengabambisana bangaphinde bayinqobe iComrades. Ukhuluma kanjena nje, kwiComrades yalo nyaka kukhonye abasubathi baseNorth West, abangaphansi kweNedbank Athletic Club, abatshengise okukhulu ukubambisana. Indawo yokuqala ithathwe uTete Dijana (05:30:38), Edward Mothiba (05:33:46) noDan Matshailwe (05:36:25).