INTOKAZI enqobe kwiHollywoodbets Durban Summer 10km ebiyizolo, eKings Park Athletics Stadium, eThekwini, uCacisile Sosibo, izimisele ngokunika abazali bayo isipho sikaKhisimusi ngemali eyihlomule emjahweni.
UCacisile waseKilmon, e-Underberg, ushaye intambo ngesikhathi esiwu-33:08. Isibili kube wuGlenrose Xaba (33:50), isithathu kwaba uNontokozo Mkhize (34:50).
Kwabesilisa kuye ngamagama enkehli uPrecious Mashele ephuma phambili (28:12). Lo mgijimi ubeshilo ngaphambi komjaho ukuthi nakanjani uzoyishaya intambo. Endaweni yesibili kungene uThabang Mosiako (28:22), kweyesithathu kwangena uTebello Ramakongoana (28:40).
UCacisile ogijimela iBoxer AC, injabulo ebibhalwe ebusweni kuye ngemuva komjaho, uthe uzokwakhela abazali bakhe indlu.
Abaphume phambili bakhale bemuka noR30 000 umuntu ngamunye. Abalale isibili bathole u-R17 000 bese isithathu kwaba uR12 000.
"Ekhaya umama nobaba abasebenzi. Yimina esengisiza ngemali yokugijima. Le mali izongisiza kakhulu njengoba ngizokwakhela abazali bami indlu. Indlela le engibabonga ngayo ngokungikhulisa nokuhlale bengeseka ngaso sonke isikhathi kwengikwenzayo. UNkulunkulu usebenza emfihlakalweni. Ngizokwazi ukunika abazali bami isipho sikaKhisimusi. Ngithanda nokubonga nomqeqeshi wami, ubaba uSponge Seme ngokuhlale ekholelwa kimina. Ukube ubengekho bengingeke ngiwunqobe lo mjaho. Ngithanda nokubonga ikilabhu yami iBoxer AC ngokungivumela ukuba yingxenye yeHollywood Durban Summer 10km," kubeka uCacisile osezinze eGoli.
Le ntokazi efike kwezwakwala kulo mdlalo, iqhube yathi ngeSonto elizayo izogijima u-10km kwiSoweto Marathon.
"Asikho isikhathi sokuphumula, kusasa kuzomele ngiqale amalungiselo eSoweto Marathon. Isifiso sami wukuthi nayo ngoyinqobe. Kungangijabulisa kakhulu lokho. Ngiyazi kuzobe kunzima kodwa ngizimisele ngokuyoshisa umbango." kuqhuba uCacisile.
UMashele obeveze ukuthi iyamkhuthaza imali ezonqotshwa lapha, uthe: "Obekwenza ngikhulume ngokuzethemba wukuthi abehambe kahle amalungiselo alo mjaho. Ngibonga kakhulu kumqeqeshi wami, uHandrick Ramaala nasekilabhini yami iBoxer AC. Kuyangijabulisa nokuthi nakwabesifazane kunqobe uCacisile naye ogijimela iBoxer.“
Lumi kanje uhlu lwabayishumi bokuqala:
Abesilisa- Precious Mashele (28.12); Thabang Mosiako (28.22); Tebello Ramakongoana (28:40); Nicolas Seposengwe (28:45); Milton Kekana (28:45); Mathew Leeto (28:49); Siyabonga Ndlovu (28:59); Jobo Khatoane (29:15); Melikhaya France (29:18); Tumelo Motlagale (29:22).
Abesifazane - Cacisile Sosibo (00:33:08); Glenmore Xaba (00:33:50); Nontokozo Mkhize (00:34:50); Lebo Phalula (00:35:07): Jenet Mbhele (00:35:19); Nwabisa Mjoli (00:35:37); Mlindo Mahloko (00:35:37); Andiswa Njunguza (00:36:26); Ingrid Zwane-Masigo (00:36:55); Ann Ashworth (00:37:04).