SITHEMBISO MKHIZE
KUQHILIKE izihlathi kumengameli we-Athletics South Africa (ASA), uJames Moloi, le nhlangano isayina isivumelwano seminyaka emihlanu sokusebenzisana nesikhondlakhondla senkampani yezokusakaza, iSuperSport.
Lesi sikhulu sitshele Isolezwe ukuthi ilinganiselwa kuR15 million imali lesi siteshi esithenge ngayo kubo amalungelo okusakaza imiqhudelwano ye-ASA.
"Isivumelwano sethu sizophela ngo-2026. Okuhle ngaso ukuthi sizosebenzela zonke izinhlaka zomdlalo wokusubatha kuleli. Sivumelane ngokuthi kusakazwe bukhoma imiqhudelwano yezikole ezingama-primary, secondary, eyamanyuvesi nawowonke amaChampionships e-ASA.
“Sifuna umntwana uma ekhula azibone kwithelevishini. Lokhu kuzokwenza ukuthi sande isibalo sezingane ezijoyina lo mdlalo. Okunye okuhle ngalokhu kusebenzisana neSuperSport, ukuthi sesizokwazi ukufuna abaxhasi ngokukhulu ukuzethemba. Kuqala, izifundazwe zethu bezidonsa kanzima ukuthola uxhaso. Izinkampani bezivele zibuze ukuthi zizomaketheka kanjani zona ngoba ezokugijima kazisakazwa? Lokho kuphelile manje. Ezokugijima kuleli sezizohlonishwa njengebhola lezinyawo,” kusho uMoloi.
Uqhube wathi bazokwenza isiqiniseko sokuthi bayisebenzisa ngendlela imali abayithole kwiSuperSport.
"Angiqale nje ngiveze ukuthi sijabule ngemali esivumelane ngayo neSuperSport. Uma ngikuhlebela nje, besikhuluma nesinye isiteshi kuleli ukuthi sisakaze imiqhudelwano yethu. Sisishiye kanjalo ngoba besifuna ukusinika amakinati. ISuperSport ivele yayiphinda kaningi le mali yesiteshi esinye ebesifuna ukusinika yona. Okunye engithanda ukukucacisa ukuthi le mali akuyona eyethu, ngeyabagijimi.
“Ngayo sizothumela abagijimi bethu ukuyoziqeqesha noma ukuyoqhudelana emijahweni yaphesheya kwezilwandle. Abanye abagijimi bethu abahlali kuleli, yithi esikhokhela izindleko zokubuya uma sibabizile. Uma kwenzeka umgijimi wethu ephula irekhodi lakuleli noma lo mhlaba kumele, i-ASA imbonge mhlawumbe ngoR25 000.
“Besingakwenzi lokhu ngoba besingenayo imali. Sizophinde sikhiphe nemifundaze kwizingane ezenza kahle. Okunye esizokwenza, ukusebenzisa ulwazi lwezinkakha zethu ezintweni ezifana nasekuqeqesheni, ukuba izimenenja nakokunye okuningi. Siyaludinga ulwazi lwazo, sikholelwa ekutheni lungasibeka endaweni enhle ezingeni lomhlaba. Zizosebenzela ezifundazweni zazo, thina sikhokhele zonke izindleko zokusebenza. Ngalokhu siqonde ukubuyisela emphakathini," kusho uMoloi.