XOLILE MPISANE
UKUFANISE nokubhukuda kwi-jacuzzi uMichelle Weber wakuleli ongene endaweni ka-21 emjahweni webanga lika-10km wabesifazane ngoLwesithathu ekuseni.
UWeber (24) uqede umjaho wakhe ngo-2.06.56. Indondo yegolide ithathwe ngu-Ana Cunha waseBrazil. Lapha kusuke kubhukudwa emanzini avulelekile.
"Lo mjaho ubunzima kakhulu, ngeke uqondisise ukuthi ngichaza ukuthini uma ungangena kulawa manzi. Omunye umuntu angabuka umphumela bese edlulela kweminye imidlalo kodwa engasibonanga isithombe esiphelele," kusho uWeber.
"Isimo besingelula. Ngingakufanisa nokubhukuda kwi-jacuzzi isikhathi esingaphezu kwamahora amabili. Siqale amanzi efudumele engu-29 degrees, ngasekugcineni bese kuya ku-30 degrees.
"Ngifike eTokyo ngesonto eledlule ngiphuma eKapa. Bengizilolonga eStellenbosch emanzini apholile angu-20 degrees, ngaphandle kubanda kungu-3 degrees. Lo onqobile ubezilolonga eSpain emanzini angu-28 degrees.
"Ngenxa yemigomo ye-Covid 19 bekunzima ukuthi siye kwamanye amazwe, nemali ibingekho. Amalungiselelo ami awahamba kahle neze kodwa ngizile eTokyo ngangipha wonke amandla ebenginawo."
UWeber unethemba lokuthi usazokwazi ukungenela ama-Olympic alandelayo azobanjelwa e-Paris ngo-2024.
"Ngizamile, ngenze konke okusemandleni, ikakhulukazi kulesiya simo ebesibhukuda kusona. Ngize la nginethemba lokuthola indondo kodwa akwenzekanga," kuqhuba uWeber.
"Ngiyafisa ukuya kuma-Olympics ango-2024. Bengingabaza ukuthi ngisazofuna ukuya ngoba kuwumsebenzi ukulungiselela le midlalo kodwa ngibona sengathi angikayiqedi indima yami."
Akuhambanga kahle nakwabanye baseNingizimu Afrika emikhakheni eyehlukene ngoLwesithathu. URocco van Rooyen, ongumshwibi we-javelin, ushaye u-77.41m, wahluleka ukudlulela kowamanqamu.
Kwi-skateboarding, uMelissa Williams naye akangenanga kowamanqamu, kwenzeka okufanayo nakwabashova amabhayisikili, uJean Spies noCharlene du Preez.