UMPETHA wakuleli we-ASA 10km Cross Country nomqeqeshi wakhe, uMdu Khumalo, sebebeke amehlo abo kuma-Olympic ango-2024, eFrance, njengoba befuna ukuqala ngonyaka ozayo ukuwalungiselela.
Izinhlelo zabo zisekutheni lo mgijimi azibekisele indawo eqenjini elizoyibamba ku-42km (marathon) kulo mqhudelwano obanjwa njalo ngemuva kweminyaka emine.
UMathanga uveze ukuthi bahlela ukuthi ngonyaka ozayo aqale agijime amabanga amade ukuze kufezeke iphupho lakhe.
Lo mgijimi usematheni kulezi zinsuku kulandela ukuvikela isicoco sakhe kwi-Cross Country, ngempelasonto edlule, eRustenburg, eNorth West.
Le nyamazame ecijwa wuMdu Khumalo ngaphansi kwePhantane AC, ishaye intambo ngesikhathi esiwu-28.45. Lesi yisikhathi ngesihle kunazo zonke ake wasigijima kuleli banga kwi-Cross Country.
Nyakenye, kuwo umqhudelwano kazwelonke kwakukhonye yena uMathanga obemele iKwaZulu-Natal Athletics (KZNA), eNorth West.
Ngokunqoba lapha uzifake esikwatini esizomela elakuleli kumaWorld Athletics Cross-Country Championships, ngoFebhuwari wangonyaka ozayo, eBathurst, e-Australia.
IPhantane inabagijimi abathathu abasesikwatini esiya e-Australia. UBonkosi Zwane uphume kweyesine eRustenburg kwathi kwabesifazane, uNwabisa Mjoli waphuma kweyesihlanu.
Ngokujwayelekile kuye kuthathwe abayisithupha bokuqala ngokuhlukana kobulili.
UMathanga utshele Isolezwe ukuthi inhloso yabo nomqeqeshi uKhumalo ukuthi bagijime i-marathon kuma-Olympic.
Kulo nyaka uMathanga ubebhekwe ngabomvu ukuyomela elakuleli kukaWorld Champs nakumaCommonwealth Games ebangeni lika-10 000m. Nokho ugcine ehlulekile ukwenza izikhathi zokuhlungela le miqhudelwano.
Ebuzwa uMathanga ukuthi kungani beqala ngamalungiselelo ama-Olympic ekubeni amaWorld Athletics Championships engonyaka ozayo, uthe: "Sisazohlala phansi nomqeqeshi sibone ukuthi amaWorld Champs sizowalungiselela kanjani.
“Ngokukamqeqeshi, ukholelwa ekutheni uma singaqala silungiselele manje ama-Olympic kwi-marathon ngingangena esikwatini esizoya eFrance. Kuyisifiso sami nokuya kumaWorld Champs ngonyaka ozayo, eBudapest, eHungary."
Uqhube wathi nakuba ehlulekile ukungena eqenjini ebeliye kumaWorld Champs, eMelika nakumaCommonwealth Games, eBirmingham, e-England, lo nyaka umphathe kahle.
Kulo nyaka, uvikele nesicoco sika-10 000m kwi-ASA Senior Track & Field Championships, eKapa, ngo-Ephreli.
"Akuzange kungiphathe kabuhlungu ukuhluleka ukuya kumaWorld Champs nakumaCommonwealth Games. Kulesi sikhashana ngikwezokusubatha sengiyakuqonda ukuthi kwesinye isikhathi, izinto azihambi njengokufisa kwakho. Ngisemncane, kuningi okuhle engisazokwenza kwezokugijima," kuqhuba uMathanga oveze ukuthi impumelelo yakhe seyenze waqashwa ngelokhozi uma kugijinywa.
NgeSonto, uzogijima i-Absa Run your City 10km, eGoli.
Emlenzeni obuseThekwini, ngoJulayi, uMathanga walala kweyesithupha ngesikhathi esiwu-28.03