OMUNYE wabagijimi abagqamile kuleli, uPrecious Lesiba Mashele, uthi akazile eThekwini ukuzosinisa amahleza kodwa uzofikela ukushaya intambo kwiHollywoodbets Durban Summer 10km.
Lo mjaho ohlelwa iPhantane AC ngokuhlanganyela neHollywoodbets AC, uqala ngo-6 ekuseni, ngeSonto.
Uzoqala futhi uphelele eKings Park Athletics Stadium.
UMashele obemele elakuleli kuma-Olympic Games, ngonyaka odlule eTokyo eJapan, utshele Isolezwe ukuthi ukube umjaho wangeSonto bewusemabhukwini eWorld Athletics ubezolwela ukwenza isikhathi esingcono ake asigijima kwi-10km.
Uthe uzogijimela ukuwunqoba noma yingasiphi isikhathi.
"Ungangizwa kabi, ngizozama ukuthi ngiwenze usheshe lo mjaho ukuze nabanye abagijimi bezofaka umfutho. Ukhumbule phela yigama lami leli, kangifuni ukudicilela phansi isithunzi sami ngokugijima isikhathi esizongifaka ehlazweni. Ngenxa yokuthi imiklomelo yawo iconsisa amathe ngiyazi ukuthi lo mjaho uzongenelwa ngabagijimi bezinga eliphezulu. Ngeleyo ndlela uzoba mnandi uphinde ube nzima. Nakuba kunjalo ngizimisele ngokuwunqoba kumnyama kubomvu. Uma kungenzekanga, okungenani kuzomele ngiqede kwabathathu abaphambili," kubeka uMashele obekhona nasesikwatini ebesimele iNingizimu Afrika kumaWorld Athletics Championships, e-Oregon e-USA. Ulale ku-15 ebangeni lika-5000m.
Ozonqoba ngeSonto uzoklonyeliswa ngoR30 000 kubona bobubili ubulili. Isibili sizoklonyeliswa ngo-R17 000, isithathu kube wuR12 000.
Umjaho ukhokha kuze kufike kwabazolala isishiyagalombili abazothola u-R2000.
UMashele ocijwa wuqweqwe uHandrick Ramaala, uza eThekwini uphuma ekunqobeni iSanlam Cape Town 10km Peace Run emasontweni edlule.
Ushaye intambo ngesikhathi esiwu-28.46. Ngaphambi kokuya eCape Town ubenqobe i-OUTsurance Gun Point 10km (28.35). Wuye umpetha webanga lika-5000m kuleli.
Nakuba kubukeka izinto zimvuna lo mgijimi kodwa uchaze lo nyaka ngokuthi umphathe kabi.
"Ngihlaselwe wumkhahlane izikhawu kulo nyaka. Lokhu kwenze ngahlala isikhathi eside ngingagijimi. Kwesinye isikhathi bengiya emijahweni ekubeni isimo sami sempilo singavumi. Isibonelo nje, ngaya ngigula kwiNelson Mandela Bay Half Marathon, eGqeberha. Akufananga ngoba ngalala isine (1:01.13). NakumaWorld Champs nakwi-Absa RYC Durban km ngagijima umkhuhlane ungibambile. Okwenza ngizethembe wukuthi kulokhu ngizoya kwiHollywood Durban Summer ngiwumqemane," kusho uMashele.