XOLILE MPISANE
UXOLISILE ngesenzo sakhe sokunyamalala esigcine simfake enkingeni umdlali wakuleli we-long jump uLuvo Manyonga.
Ngenyanga edlule uManyonga (30) utholwe yiWorld Athletics enecala emva kokuphula umthetho we-Athletics Integrity Unit (AIU) wokuthi bonke abasubathi kumele bazethule bazohlolwa igazi uma bedingeka. Umiswe iminyaka emine, okuyigwebo esiqale ngoDisemba nyakenye.
Lokhu kwenziwa ukuqinisekisa ukuthi abekho abasebenzisa izikhuthazi ezingavumelekile ezizobasiza ukuthi banqobe emidlalweni yabo.
Besekungokwesibili engatholakali kwikheli ayethembise ukuthi uzotholakala kulona uma kudingeka ukuthi ahlolwe. UManyonga uhlulekile nokuveza ukuthi ukuziphi izinkalo. Ngaphezu kokumiswa ube esehlawuliswa u-R20 000.
Akuyona imfihlo ukuthi uManyonga uke waba nenkinga yezidakamizwa phambilini, kodwa ebhala ekhasini lakhe kuTwitter, uthe uzimisele ukuthi aphinde abuyele endleleni eqondile.
"Ngithanda ukusebenzisa leli thuba ukuthi ngixolise ngenhliziyo yami yonke emndenini wami, abalandeli, nawo wonke umuntu obekholelwa kimina," kusho uManyonga.
"Ngisaqhubeka nokuzilungisa nokulwa nalama dimoni angidla ngaphakathi. Ngiyanithanda kakhulu nonke. Ngisaqhubeka nokusebenza."
Uphethe ngokuthi "lesi isikhathi sokubheka okuhle yize noma ngisebumnyameni".
Lo mdlali odabuka eMbekweni, ePaarl, wathola indondo yesiliva kwi-long jump kuma-Rio Olympics ango-2016, waba umpetha womhlaba ngo-2017.
Ulahlekelwe ithuba lokuba yingxenye yethimba elimele iNingizimu Afrika kumaTokyo Olympics azoqala ngoLwesihlanu.