SITHEMBISO MKHIZE
UNYELWE inyoni esandleni u-Innocent "Tycoon" Mantengu ehlabana ngempi yebhande lomhlaba kungakapheli isikhathi esingakanani engqimuzwe kabuhlungu kwebiseNamibia.
USamson Ndlovu, ongumqeqeshi kaMantengu odabuka eMtubatuba, wazise Isolezwe ukuthi umshayisibhakela wakhe uzozama ukuphuca uThato Bonokoane ibhande leWBA Inter-Continental Super Bantamweight.
Le mpindamshaye ihlelwa yiJ4Joy Boxing Promotions kasomabhizinisi, uJacob Mnisi.
Izolwelwa eMpumalanga ngo-Ephreli 8.
Uhlabana ngale mpi uMantengu, ezinyangeni ezine ezedlule ushaywe nguFilipus Nghitumbwa waseNamibia ngomngqimuzo womlalisaphansi kubangwa ibhande ebelingaphethwe muntu, leWBO Global Super Bantamweight.
UNdlovu uveze ukuthi sebeyisayinile inkontileka yokulwa noBonokoane.
"Besingazitsheli ukuthi sizothola impi yebhande lomhlaba ngokushesha okungaka. Uhambo lwethu lwaseNamibia lwaba lubi kakhulu. Sathi sisajabhiswe ukushaywa, inhlangano, iWBA, yasitshela ukuthi isiyasiphuca ibhande layo leWBA Pan African. Icikwe ukuthi silwele eleWBO singayazisanga. Ikhuluma iphutha, sazama amahlandla amaningi ukuyazisa kodwa singayitholi. Sibonga kakhulu kuSolwazi u-3 Seconds (Thulani Nkwanyana), nguyena ositholele le mpi,“ kusho uNdlovu.
Kuzoba okwesithathu uMantengu etholana phezulu noBonokoane. NgoMashi 2019 balwa ngokulingana bebanga ibhande lakuleli elalingaphethwe muntu kwiSuper Bantamweight.
Baphinde balibanga leli bhande, uMantengu wanqoba.
UNdlovu uthe bahlale benalo iqhinga lokushaya uBonokoane.
"Into eqhatha uThato nenduku esikhathini esiningi ukuthanda ukuvulela ngaphansi kwekhala. Thina asivuli kakhulu umlomo, sande ngezenzo eringini. Nango-Ephreli 8 sizokwenza okufanayo. Akukuhle ukuthi ibhokisa elinekhono njengoMantengu lingabi nasicoco. Sizophinde sisithathe kuye uThato. Amalungiselelo ale mpi ahamba kahle kakhulu. Kuzofika usuku lwempi sicijise okweklwa," kuqhuba uNdlovu osanda kunqobisa uLindokuhle Dlamini ibhande laKwaZulu-Natal kwiBantamweight.
Ezimpini eziwu-21 uMantengu usanqobe eziwu-14, wahlulwa kweziyisithupha, walwa ngokulingana kweyodwa.
UBonokoane uzoya kweyango-Ephreli ephuma endukwini.
NgoDisemba ushaywe ngamaphuzu nguSaid Chino waseTanzania kweyokungcweka. Usanqobe eziwu-11, wahlulwa kwezinhlanu, walwa ngokulingana kwezintathu.