XOLILE MPISANE
BAPHINDE benza ezibukwayo abashwibi bamaProteas be-spin, uKeshav Maharaj noSimon Harmer, besiza iqembu ukuthi libhaxabule iBangladesh ngama-run angu-332 emdlalweni we-Test wesibili obubanjelwe eSt George’s Park eGqeberha.
UMaharaj noHarmer babhoke kakhulu kwi-innings yesibili esongwe ngoMsombuluko, njengoba bebenzile emdlalweni wokuqala obuseThekwini.
AmaProteas awine ithosi akhetha ukubhetha kuqala, ahlanganisa ama-run angu-453 kwi-innings yawo yokuqala. Ukaputeni, uDean Elgar, uqale umsebenzi omuhle ngama-run angu-70, walekelelwa uMaharaj ongene washaya angu-84.
IBangladesh iphume yonke inama-run angu-217 kwi-innings yokuqala. Ezika-Elgar, zishaye ama-run angu-176 kwi-innings yesibili zabe sezikhetha ukuyeka sezilahlekelwe ngamawikhethi ayisithupha.
Izivakashi bekudingeka zishaye ama-run angu-413 ukuze zinqobe kodwa zakhishwa zonke zisahlanganise angu-80 kuphela. UMaharaj uthathe ayisikhombisa amanye amathathu athathwa wuHarmer.
Ukuwina lolu chungechunge ngo-2-0 kusho ukuthi amaProteas anqobe imidlalo emihlanu kweyisikhombisa yama-test ayidlalile kusukela ngoDisemba nyakenye.
U-Elgar uthe uzishaya isifuba ngendlela ezakhe ezidlale ngayo nangendlela ezikhombise ngayo ukuthuthuka kule midlalo.
“Angicabangi ukuthi abantu abaningi bebelindele ukuthi kusihambele kahle ngalolu hlobo ekuqaleni kwesizini kodwa kuhle ukuthi sigcine sithole imiphumela emihle kanje," kusho u-Elgar.
"Muningi umsebenzi owenzeke ngemuva, lokhu akwenzekanga ngenhlanhla. Sibe nesizini eyimpumelelo, hhayi nje iqembu le-test kodwa ngisho ikhilikithi yakuleli yonkana.
"Ngicabanga ukuthi sihamba endleleni efanele, senza izinto ngendlela eyiyo njengeqembu futhi kuningi okuhle esingakhela phezu kwakho."
Iqembu lakuleli le-test lizobuyela enkundleni ngo-Agasti uma selivakashele e-England.
“Umsebenzi wami ukuhlela ngizame ukukhipha okungekuhle kule sizini ebe yimpumelelo nokuyinto engizobe ngiyenza ngesikhathi sami sokuphumula. Ngizoba nesikhathi esiningi sokwenza lokho,” usho kanje.
"Ngiziqhenya kakhulu ngokuthi sikhombisile ukuthi sineqoqo labadlali abaningi esingakhetha kubona. Sinikeze inqwaba yabadlali amathuba ukuze bazibonele ukuthi kuhamba kanjani emdlalweni we-test.
"Kusamele sikhuphule amasokisi uma sibhetha ngoba sidinga ukuthi abadlali bethu ababhethayo bajwayele ukushaya ama-run angu-100 kuya phezulu.
"Nami ngiyazibala lapho. Siyawathola ama-run kodwa sidinga ukuthola amaningi ngoba siyazi ukuthhi lokho kufaka izitha ngaphansi kwengcindezi enkulu.
"Kuhle ukuthi siyasondela kodwa sekufanele sifunde ukwehlisa umoya uma sesikulelo zinga ukuze sigcine siwashayile ama-run angu-100 umdlali ngamunye, siphinde sidlule."
AmaProteas azobuyela enkundleni uma esevakashele e-India, lapho ezodlala khona imidlalo emihlanu ye-T20 ngoJuni.