ZAKHELE XABA
UMSHAYISIBHAKELA waKwaZulu-Natal, uSithembiso Maduna, uneqhinga lokubhekana nenkinga yokwenzelela kwamajaji ase-East London.
UMaduna (11-1) waseMnambithi, uzolwela ibhande leSA featherweight nompetha ongumfana wendawo, u-Asanda Gingqi ngoMashi 27, e-East London International Convention Centre. Lezi zimpi zihlelwe nguLinda Saliwa weXaba Boxing Academy. Kweyosuku kuzoqhuthana uMpumelelo Tshabalala noXolisa Magusha, bebanga ibhande leSA junior flyweight.
Kuyinto ekhulunywayo esibhakeleni sakuleli, ukusola amajaji ase-East London, ngokuthi ayabenzelela abashayisibhakela bakhona uma belwa nabakwezinye izindawo. Kukhona nabangaphandle kwakuleli, abalwaziyo lolu nya.
"Imenenja yami (Michael Sediane) ingitshelile ngalokhu kodwa bengivele ngikwazi ukuthi akuwinwa e-East London, uma ulwa nomshayisibhakela wakhona. Ngizinikele ekutheni impi ingafiki ekutheni kubalwe amaphuzu. Kufanele ngiqede ngaye ngokushesha. Uma kwenzekile ngehluleka ukwenza lokho, kufanele ngilwe ngendlela yokuthi kucacele noma ngubani ukuthi yimina owinile. Kungenjalo bazongibamba inkunzi," kuchaza uMaduna.
UMaduna, oshaye isibhakela esinenkosi phakathi ehlula u-Abdul Aziz Kunert emasontweni adlule, ukleliswe phezulu kwabagaqele ibhande likaGingqi. Lokhu kusho ukuthi nguyena kuphela okufanele alwe nompetha ovikela ibhande ngokuphoqekile.
Emasontweni adlule uSediane wesitebele i-African Child Boxing Promotions, angaphansi kwaso uMaduna, ugcine ebhalela inhlangano eyengamele isibhakela iBoxing South Africa (BSA) ekhononda ngokugudluzwa kukaMaduna, ekutheni alwe noGingqi. USaliwa nethimba lakhe kade sebefake uZolisa Batyi wakhona e-East London, okleliswe endaweni yesine.
"Kungiphathe kabi ukugudluzwa ekutheni ngilwele ibhande laseMzansi, ngoba ngikusebenzele ukufika phezulu kwabaligaqele. Kodwa ngiyajabula ukuthi konke sekulungile. Ngijabule kakhulu ukuthola ithuba. Uma ngiliwina kuzolunga izinto eziningi futhi kuzofezeka iphupho lami," kusho uMaduna.
E-East London, uMaduna uzohambisana noSiphelele Myeza (7-0) waKwaMashu, ozolwa noNdabezinhle Platjies empini yemizuliswano eyisithupha. USediane ubonge iKZN ngoMaduna.
"Nakuba esekimina lapha eGauteng kodwa uyindodana yaKwaZulu-Natal. Ngibonga uMnyango wezeMidlalo neStarline Boxing Promotions kaZandile Malinga, ngokufaka isandla ekukhuleni kukaMaduna esibhakeleni. Umfana usesimeni esihle futhi simnika wonke amaqhinga ukuze awinele iKZN ibhande. Angiboni uGingqi eyiqeda imizuliswano emine," kusho uSediane.