UCHAZWA njengomuntu obenothando oluyisimanga lwebasketball, uLethuxolo Phumzuzulu Zulu, okushaqise abaningi ukudlula kwakhe emhlabeni.
Ekhuluma neSolezwe Ngempelasonto, uSanele Mthiyane ongumengameli weBasketball South Africa (BSA), uthe umndeni kaZulu obengumqeqeshi, ubatshele ukuthi utholakale esethule ngoMgqibelo odlule endaweni abehlala kuyo eThekwini.
Bathe okubathuse kakhulu wukuthi ulale ngoLwesihlanu olwedlule engazange abike ngisho nokuncane ukugula.
UMthiyane uveze ukuthi batshelwe nokuthi phezu komzimba wakhe kutholakale ilaptop abesebenza ngayo.
UZulu oshone eneminyaka ewu-45, uzofihlwa ngoMgqibelo, eSikhawini, eMpangeni, ngemuva kwenkonzo ezoqala u-9 ekuseni, eNkanyisweni Lutheran Church.
UMthiyane oyilungu lebhodi kwiSascoc, uthe bewumndeni webasketball basamangele ngokudlula kukaZulu eminyakeni edlule oke waba ngusihlalo weThekwini Basketball.
"Ngithi dudu emndenini kaZulu, ulwehlanga lungehlanga. Ngithi kuwo awalahlekelwanga wodwa kodwa neNingizimu Afrika, neKwaZulu-Natal bagqemeke ingozi engeqiwa ntwala, uwile umuthi omkhulu. Ngidabukela intsha ibisazoncela ulwazi kuZulu obefana nenqolobane yalo mdlalo.
Uvundulule inqwaba yabadlali emazingeni aphansi ikakhulu ezindaweni zasemakhaya. Ulwazi lwakhe ubengagcini ngokuluphakela abesilisa kuphela kodwa nakwabesifazane wenze omkhulu umsebenzi. Ubebuye abe umqeqeshi wabaqeqeshi. Ubesebenza ngokuzimisela engabheke nzuzo. Ubeyigugu leNingizimu Afrika yonke. SiyiBasketball South Africa sithi hamba kahle mfowethu, uyibekile induku ebandla," kubeka uMthiyane.
UPhindile Ndlovu, owayengunobhala ngesikhathi uZulu engusihlalo eThekwini Basketball, uthe:"UZulu ubencama ukuyeka yonke into uma kuqhamuka into ethinta ibasketball. Ngenxa yobuhlungu benhliziyo ngihluleka ngisho ukulala. Ngifunde lukhulu kuZulu. Ziyohamba izinsizwa kuyosala amagama. Ngithi awududuzeke umndeni wakhe."
Ubebuye asebenze eDurban High School (DHS), lapho etholele inqwaba yezingane zasemakhaya nasemalokishini imifundaze.