NAKUBA uChad Le Clos (29) ekhale ngaphansi kowamanqamu e-200m butterfly kodwa uzibona eqinile ngokomqondo ukwedlula bonke ababhukudi ancintisana nabo.
Le nsizwa edabuka eThekwini kodwa esizinze eCape Town, ishabalalise amathuba okuba nezindondo ezintathu kwelakuleli ngesikhathi ilala isihlanu ngesikhathi esiwu-1:54.93 ngoLwesithathu ekuseni.
Indondo yegolide ikhale yemuka noKristof Milak waseHungry (1:51.25), isiliva latholwa uTomoro Honda waseJapan (1:53.73) kwathi eyethusi yanqotshwa uFederuco Burdisso wase-Italy (1:54.45).
"Ngiyambongela uMilak ngokunqoba indondo yegolide, usebenze kakhulu. Uwumfana onethalente kakhulu. Kube umncintiswano omuhle. Nginethemba lokuthi emijahweni ezayo ngizokwenza kahle. Uma ngingena emanzini ngiyazimisela, ngigxilise umqondo kwengikwenzayo. Umqondo wami uqine ukwedlula zonke izimbangi zami. Wukuthi kwesinye isikhathi izinto kazihambi njengokufisa kwethu. Bengingathukile nakancane, ngishaywe ukuthi umzimba uvele wangafuna ukusebenza," kubeka uLe Close owathola igolide kuleli banga ngo-2012, London, e-Engand.
Nakwi-heat ye-200m butterfly, uLe Clos akenzanga kahle njengoba ephume sona isihlanu.
Nokho emjahweni owandulela owamanqamu ubuyise ithemba elala indawo yokuqala. Abemakhulu amathemba okuthi uzolandela uTatjana Schoenmaker naye ongumbhukudi noBianca Buitendag odlala isurfing, abanqobe izindondo zesiliva.
Kusasa uLe Clos uzobhukuda kweyokuhlunga ku-100m butterfly, ngo-12.50 emini.
Ngo-2016 wathola eyesiliva kulo leli banga.
Nango-2012 wahlabana ngendondo efanayo.
Owandulela owamanqamu ungoLwesihlanu ngo-3.30 ezintatha bese owamanqamu ube ngoMgqibelo ngesikhathi esifanayo.
KwiCycling Women's Individual Time Trial elakuleli kulibhedele ngesikhathi u-Ashleigh Moolman-Pasio eqeda kweyesishiyagalombili (32:37.60) ebangeni lika-22.1km.
Eyegolide ikhale yemuka no-Annemiek Van Vleuten waseNetherlands, eyesiliva yanqotshwa uMarlen Reusser (Switzerland) kwathi eyethusi yatholwa u-Ann Van Der Breggen wakhona eNetherlands.