XOLILE MPISANE
UKAPUTENI wamaBhokobhoko, uSiya Kolisi, uzohola iqembu leCell C Sharks uma selibhekene neScarlets yaseWales emdlalweni we-United Rugby Championship (URC) eHollywoodbets Kings Park namuhla ngo-7:10 ebusuku.
ISharks izobe ibhekene neqembu lase-Europe ekhaya okokuqala ngqa kulo mqhudelwano njengoba ibisadlale namaqembu akuleli kuphela kule nkundla.
Ukaputeni ojwayelekile wamaSharks, uLukhanyo Am, usayodlalela iqembu laseJapan, iKobe Steelers, okwesikhashana kodwa omunye wozakwabo, uSbu Nkosi, uthe balindele ukuthi konke kuqhubeke ngolayini ngaphansi kukaKolisi.
“Kuyajabulisa ukuholwa nguSiya, yize kungeke kushintshe kangako ngoba ubevele engomunye wabaholi selokhu afika kuleli qembu," kusho uNkosi.
"Angicabangi ukuthi kuzoba wushintsho olukhulu kithina ngoba sijwayele ukumlandela, okushintshile ukuthi kulokhu kuzobe kunguyena ngqo ukaputeni."
Ngaphandle komsebenzi wakhe njengomholi, u-Am uzokhumbuleka enkundleni njengoba engomunye wabadlali abavelele kulo mqhudelwano.
Nokho umqeqeshi wamaSharks, uSean Everitt, uthe uyabethemba abadlali abazogijima esiswini kulo mdlalo, uJeremy Ward noMarius Louw.
“UMarius noJeremy sekunesikhathi bedlala kule ndawo futhi bajwayele ukudlala ngendlela encomekayo. Leli yithuba elihle labo lokudlala kwi-URC ndawonye,” kusho u-Everitt.
“ULukhanyo ubegqame kakhulu kule ndawo kodwa uMarius udlale kahle emasontweni ambalwa edlule futhi laba badlali abazoqala bayakwazi okulindelwe kubona."
Ezinye izinguquko ezenziwe ngu-Everitt ziphambili. UReniel Hugo uzongena esikhaleni sikaRuben van Heerden, uSikhumbuzo Notshe athathe indawo kaPhepsi Buthelezi.
ISharks isendaweni yesishiyagalombili kwi-log ngamaphuzu angu-26 emidlalweni engu-10 kanti iScarlets ilele endaweni ka-12 ngamaphuzu angu-22 emidlalweni eyisishiyagalolunye.
U-Everitt unethemba lokuthi ezakhe zizosebenzisa leli thuba lokudlalela ekhaya kodwa ulindele umdlalo onzima kuleli qembu laseWales.
“Ngilitshelile iqembu ngoMsombuluko ukuthi kade kukhulunywa ngokufika kwamaqembu aphesheya kuleli,” usho kanje.
"Okufanele sikwenze ukujika amazwi abe yizenzo. Kubalulekile ukuthi sidlale kahle ekhaya, akusizi ukukhuluma.
“I-Scarlets inqobe kahle ngoMgqibelo eGlasgow futhi siyabazi ubungozi bayo. Kudingeka senze kahle ukuze uma sekuvulwa izinkundla abalandeli babuye ngobuningi."
Namanye amaqembu akuleli azobe edlalela ekhaya kule mpelasonto lapho iBulls izogadulisana neMunster eLoftus kusasa ntambama ngo-4.
AmaLions azobhekana neCardiff ngeSonto ntambama ngo-4, kuthi amaStormers atholane phezulu neZebre ngo-6 ebusuku.