XOLILE MPISANE
UKAPUTENI wamaBhokobhoko uSiya Kolisi uzowuqala umdlalo wokuqala wochungechunge lwama-test amathathu neBritish and Irish Lions.
UKolisi, u-Ox Nche noMakazole Mapimpi babuyele ekhempini yamaBhokobhoko ngoMsombuluko emuva kokuhlala izinsuku ezingu-10 bevalelwe ngenxa yokutholakala negciwane iCorona.
Bobathathu bazowuqala umdlalo oseCape Town Stadium ngoMgqibelo ngo-6 ebusuku.
UNche uzobambisana noBongi Mbonambi benoTrevor Nyakane phambili kwi-scrum. Emuva kwaso uKolisi uzosizwa uPieter-Steph du Toit noKwagga Smith, ovale isikhala sikaDuane Vermuelen olimele.
"Kubaluleke kakhulu ukubuya kukaSiya. Ungumholi waleli qembu, sesisebenze kakhulu naye. Uyayazi indlela esizihlela ngayo nakho konke esihlose ukukwenza enkundleni," kusho umqeqeshi wamaBhokobhoko uJacques Nienaber.
"Ukuba khona kwakhe enkundleni kwenza umehluko omkhulu noma sinabo abanye abayidlalayo indima yokuba ngabaholi eqenjini."
UMapimpi akadlalanga amaBhokobhoko ebhekene neGeorgia futhi ubengekho eqenjini leSouth Africa A elizwene amandla neBritish Lions.
Yena noLood de Jager ibona bodwa abazoqala ngoMgqibelo abagcina ukugqoka ijezi leqembu lesizwe kwiNdebe yoMhlaba ngo-2019.
"Ngeshwa ngenxa ye-Covid-19, uMapimpi noLood abalitholanga ithuba lokungena enkundleni kodwa sekunesikhathi beyingxenye yaleli qembu lamaBhokobhoko," kusho uNienaber.
"Sisebenze nabo kakhulu kusukela ngo-2018 sisalungiselela iNdebe yoMhlaba ngakho-ke asingabazi ukuthi bayakwazi okulindelwe kubona futhi bazongena bathi khaxa eqenjini."
I-British Lions inqobe amaSharks kabili kweyokungcweka, yaguqisa amaStormers. Asahlulwe kanye, edliwa iqembu leSouth Africa A.
UNienaber uthe bayibukisisile yonke imidlalo edlalwe izivakashi futhi bayakwazi abazobhekana nako.
"Sizodudulana impela phambili ngoba banabadlali abanamandla nathi sinabo. Kumele silwe bangazicanaseli nje, ikakhulukazi kuma-scrum, uma sekubangwa ibhola phansi noma sekubangwa leli eliphonswayo," kusho uNienaber.