INSEPHE yomgijimi yaseKenya, u-Eliud Kipchoge, iqhubekile nokuqopha umlando ngerekhodi lomhlaba elisha ebangeni, u-42km, inqoba iBMW Berlin Marathon igqashula intambo ngo-2:01:09 ngeSonto ekuseni.
UKipchoge (37) ulehlise ngengxenye yomzuzu irekhodi ebelivele liphethwe nguyena. Usenqobe imijaho engu-15 kwengu-17 aseyigijimile ezingeni eliphezulu.
Izinga lokugijima beliphezulu kulo mjaho njengoba nakwabesifazane, uTigist Assefa wase-Ethiopia eshaye irekhodi lomjaho elehlisa ngemizuzu emibili, ebeka u-2:15:37. Ngalokhu ube ngowesifazane wesithathu osheshayo kunabo bonke kuleli banga.
UKipchoge usekuzuze konke okubekiwe kwezokugijima kuleli banga kanti irekhodi lakhe elisha lisho ukuthi kuyomele asebenze kanzima ngokuphindaphindiwe omunye umgijimi ozimisele ngokulephula.
Lo mgijimi, onamagolide amabili kuma-Olympic kuleli banga, ukhombise zibekwa ukuthi ufuna ukwenza okukhulu kulo mjaho njengoba u-5km wokuqala ewugijime ngo-14:14. Udlule ku-10km eqopha u-28:22. Isivinini abegijima ngaso besingambeki kuphela ekushayeni irekhodi lomhlaba kodwa besikhomba ukuthi angagijima amahora amabili.
Lo mgijimi, ophila ngesiqubulo esithi #NoHumanIsLimited, uqhubekile naleli jubane abeshaya ngalo njengoba efike ku-21km ngo-59:50 kodwa ngemuva kwalokho libe selehla kancane, nokuthe uma efika kumaka ka-25km (1:11:08) isikhathi samahora amabili obekubekwe ukuthi aqede ngaso bese sehlile kodwa engaphumile esikhathini serekhodi.
Sonke lesi sikhathi umgijimi wase-Ethiopia, u-Andamlak Belihu, ubelokhu ebelethe kuKipchoge kodwa kuthe ngemuva kokufika ku-25km, inyamazane yaseKenya yakhombisa ukuthi ayinantanga isigqashula yodwa.
UKipchoge udlule ku-30km ngo-1:25:40, wanqamula ku-35km ngo-1:40:10. Ngesikhathi edlula ku-40km, iwashi belithi 1:54:53, esevule igebe lemizuzu emine kobesendaweni yesibili, umkhaya wakhe, uMark Korir.
Uqhubeke njalo waze wayongena entanjeni esusa imizuzwana engu-30 kwirekhodi alishaya kuwona lo mjaho eminyakeni emine edlule. UKorir ugcine ebambelele endaweni yesibili ngo-2:05:58, uTadu Abate wase-Ethiopia wathatha indawo yesithathu (2:06:28).
Emjahweni wabesifazane bekuneqoqo labayisithupha obekungaphuma kulona ozonqoba. Nokho kuthe sekudlulwa ku-30km bese bebathathu ebebegijima phambili, okungu-Assefa nomkhaya bakhe, uTigist Abayechewe noMaseret Gola.
U-Assefa ugcine enqobile kanti isikhathi sakhe sidlulwa abagijimi ababili emhlabeni, uBrigid Kosgei ophethe irekhodi lomhlaba (2:14:04) noPaula Radcliffe owabeka u-2.:15:25.
Umsubathi waseKenya, uRosemary Wanjiru, ungene endaweni yesibili (2:18:00), u-Abeyechew wagcina elale isithathu.