XOLILE MPISANE
UKULIMALA komsubathi wakuleli uGift Leotlela kube nomthelela ekutheni elakuleli lishaye into ephansi emzuliswaneni wokuhlunga womjaho we-4X100m relay kuma-Olympics eTokyo, eJapan ngoLwesine ekuseni.
Lokhu kushiwo uShaun Maswanganyi, obeyingxenye yaleli qembu.
ULeotlela wadonseka umsipha ngesikhathi egijima kowandulela owamanqamu ebangeni lika-100m ngeSonto.
Wayeyingxenye yeqembu lakuleli eladla umhlanganiso kuwona lomjaho kuma-World Relay Championships ayebanjelwe ePoland ngoMeyi.
Kulowo mjaho uLeotlela wayebambisene noThando Dlodlo, uClarence Munyai no-Akani Simbine.
Bekuhlelwe ukuthi lo mjaho wangoLwesine uzogijinywa uLeotlela, Maswanganyi ,Chederick van Wyk noSimbine. Ukulimala kukaLeotlela kuphoqe ukuthi kufakwe uMunyai, okuwuyena ogijime umlenze wokuqala.
Bekusahamba kahle emva kuka-100m wokuqala kodwa konakala sekufanele uMunyai adlulisele induku kuMaswanganyi, kwashayisana izandla, yasala phansi.
Ngenxa yobucayi besikhathi kuleli banga alikho ithuba lokubuya uma kwenzeke iphutha elifana naleli. INingizimu Africa ayibanga isaqhubeka nalo mjaho, onqotshwe iqembu laseJamaica ngamasekhondi angu-37.82.
Noma engamsoli uMunyai ngokwenzekile, uMaswanganyi ukholwa ukuthi baphazamisene ngoba bengasitholanga isikhathi esanele sokuzilolonga ndawonye emuva kokulimala kukaLeotlela.
"Indlela ebesihlele ukushintshisana ngayo ngenduku noClarence iyafana nale ebesiyenza noGift," kusho uMaswanganyi.
"Ngeshwa bangabantu abahlukene futhi abasubathi abangafani. Ngiphume ngendlela engijwayele ukuphuma ngayo uma sigijima noGift, ngicabanga ukuthi ngesikhathi ngikhipha isandla ngizama ukwamukela induku yena ubesehlisa esakhe, konakala lapho.
"Bekumele sizilolonge ndawonye isikhathi eside kodwa singene kulo mjaho nezinkinga ngenxa yabalimele nokunye. Sizamile kodwa akuhambanga kahle."
Sekubhekwe iqembu lakuleli le-relay ka-4X400m ukuthi lenze kangcono emzuliswaneni wokuqala kusasa ntambama ngo-13:37.
Abazogijima kulo mjaho uWayde van Niekerk, Thapelo Phora, Ranti Dikgale noZakithi Nene.
Ukuhluleka kweqembu le-4X100m relay kusho ukuthi kuze kube yimanje akekho umgijimi waseNingizimu Afrika osathole indondo.
Khonamanjalo, uWayde Snyman, obengenele umjaho webanga lika-20km kwi-race walking uqede endaweni yesi-20 ngesikhathi esingu-01:24:33. Umjaho unqotshwe uMassimo Stano wase-Italy ngo-01:21:05.
INingizimu Afrika izophinde imelwe abasubathi ababili, u-Irvette van Zyl noGerda Steyn, kwi-marathon yabesifazane ngoMgqibelo ngo-12am.
NgeSonto ngo-12am uStephen Mokoka, Desmond Mokgobu no-Elroy Gelant bazogijima kwi-marathon yabesilisa