XOLILE MPISANE
UZOGIJIMA okokuqala enkundleni eqenjini lamaBhokobhoko odlala endaweni ye-hooker, uJoseph Dweba, uma leli qembu selibhekene ne-Argentina kwi-Rugby Championship ngoMgqibelo.
Umdlalo uzoqala ngo-17:05 ntambama eNelson Mandela Bay Stadium.
Umqeqeshi wamaBhokobhoko, uJacques Nienaber, wenze izinguquko ezingu-12 eqenjini eliphelele elidlale umdlalo wokugcina namaBritish and Irish Lions ngempelasonto eyedlule. Ushintshe abangu-10 esikwatini esizowuqala umdlalo, washintsha ababili ebhentshini.
Bahlanu kuphela ababewuqalile umdlalo wamaLions abazoqala ngoMgqibelo, ngukaputeni uSiya Kolisi, Eben Etzebeth, Lood de Jager, Jasper Wiese noCobus Reinach.
Phambili kwi-scrum u-Ox Nche uzobambisana noDweba noWilco Louw , emuva kwaso indawo ka-Franco Mostert izothathwa nguKwagga Smith.
U-Elton Jantjies unikwe umsebenzi wokulawula umdlalo kwi-flyhalf, uFrans Steyn noJesse Kriel bazovala izikhala zikaDamian de Allende noLukhanyo Am.
Emaphikweni kuzogijima abamaSharks, uSbu Nkosi no-Aphelele Fassi, bese kuvala uDamian Willemse emuva kwi-fullback.
"Kunzima ukudlala amasonto amahlanu elandelana, ngibala imidlalo emithathu namaBritish Lions nale emibili esizoyidlala ne-Argentina. Kusemqoka ukuthi silishintshe iqembu kodwa lokho akuchazi ukuthi siyayedelela i-Argentina," kusho uNienaber.
"Empeleni siyihlonipha kakhulu, yingakho sikhethe ukuletha abadlali abanomdlandla ngoba silindele omunye umdlalo onzima. Uma ubheka irekhodi le-Argentina, seyidlale imidlalo eyisikhombisa selokhu kwadlula iNdebe yoMhlaba, yahlulwa kwowodwa kuphela.
"Badlale kabili neNew Zealand, kabili ne-Australia, badlala kabili ne-Wales, engompetha beSix Nations, badlala kanye neRomania. Wonke lawo maqembu ayingozi kabi. Ngiyagcizelela ukuthi asiyithathi kancane neze i-Argentina."