ULUGUBHE ngesitayela usuku lokuzalwa uPrince "The Demon" Dlomo evikela ibhande likazwelonke leJunior Welterweight kuMarcus Lebogo waseGauteng, emqhudelwaneni obuhlelwe yiMvelo Boxing Promotions, eCity Hall, eMgungundlovu.
Empini ebeyingoLwesihlanu, uDlomo wakhona eMgungundlovu unqobe ngamaphuzu.
Kwenzeka lokhu nje, ngakusasa ubehlanganisa iminyaka ewu-34 azalwa.
Impi yakhe beyithanyelwe nayingoduso yakhe nendodana yabo eneminyaka emine.
ICity Hall beyigcwele phama abantu baseMgungundlovu abebezomeseka. Okuphinde kwaqhakazisa umqhudelwano wukuthi ububoniswa bukhoma eSABC.
Bekungokwesine uDlomo evikela ibhande lakhe selokhu alithatha eshaya uXolani Mcotheli ngo-2021.
Kukhona abangayithandanga indlela uDlomo anqobe ngayo kuLebogo. Iningi lithe bekumele anqobe ngomcacamezelo noma ngomngqimuzo womlalisa phansi.
Bekuyimpi yokuqala elwa ngaphansi komqeqeshi uSimon "Xamukavinjelwa" Ndlovu. Phambilini ubecijwa nguCharity Mukondeleli.
UDlomo utshele Isolezwe ukuthi ujabule ngokuvikela isicoco. Uveze ukuthi uzimisele ngokusivikela okokugcina, bese eqala ukulwela amabhande omhlaba.
Ebuzwa ngendlela anqobe ngayo, uthe: "Ngixolisa kakhulu kulabo abangajabulanga ngendlela enginqobe ngayo. Abantu bakhumbule ukuthi bengilwa okokuqala ngaphansi kukaXamukavinjelwa.
Kusamele ngibambe isitayela sakhe. Ngaphandle kwalokho bengilwa nomuntu onamandla nesipiliyoni. Bekungelula njengoba becabanga.“
Ngaphambi kwale mpi uDomain Durandt ubethe uma ibhokisa lakhe, uLebogo lihlulekile ukunqoba lesi sicoco kuzomele lisishiye phansi isibhakela.
Ebuzwa ngalokhu uLebogo uzwakale esecula elinye iculo.
"Ubezisholo nje umqeqeshi wami. Bekuyindlela yokungigqugquzela. Ngisazohlala phansi naye sibonisane ngenqubekela phambili,“ kusho uLebogo.
Mayelana nendlela alwe ngayo, uthe ujabule nakuba ehluliwe. UNomvelo Magcaba-Shezi ubonge wanconcoza kwabebethamele umqhudelwano. Ughe uzowaqala maduze amalungiselelo ukuqahatha umzala wakhe, uThabiso "The Rock" Mchunu.
"Ngibonga kakhulu eMnyangweni wezeMidlalo, inkampani iMi7 National Group, umasipala waseMsunduzi, Umgungundlovu FM, Khayelihle Events, nakwiPlanet Fitness. Ngaphandle kosizo lwabo bewungeke ube yimpumelelo lo mqhudelwano," kubeka uMagcaba-Shezi.
Kwenye impi yesicoco, uNkosingiphile Sibisi uphuce uNjabulo Buthelezi ibhande leKZN Flyweight engoba ngamaphuzu.
Enye ehehe amehlo abaningi ngekaSabelo "Mkhonto" Cebekhulu oshaye uLayton Gloss empini yeBantamweight.
USithembiso Maduna ushaye ngamaphuzu u-Itumeleng Tsholo ngamaphuzu kwi-Featherweight, kwathi uNtethelelo "Smiling Assasin" Magcaba, wagingqa ngomcacamezelo womlalisa phansi uNkosinathi Kunene kweyeBantamweight.
UCarl Van Blerk unqobe ngamaphuzu kuLungelo Khumalo.