UJOKHI wesifazane uNokubonga Gamede, onqobe umjabo omkhulu womtelebhelo, kwiDundee July Horse Racing ngempelasonto, ucela uxhaso lwemali yokukhokhela izindleko zokuyofunda kabanzi ngomdlalo wamahhashi e-United States of America (USA).
UGamede (20) waseMondlo, esifundeni iZululand, ushaye intambo wase ehlomula ngesheke likaR100 000 nomgqomo wenkomishi.
Le ntokazi ibigibele ihhashi elaziwa ngoNkinga. Ngelikayise, uZuthu Gamede.
Empeleni selokhu kwafakwa umjaho wamantombazane, uNokubonga uhlale elala indawo yokuqala.
"Ngibonga kakhulu kubahleli beDundee July, uMnyango wezeMidlalo nakwi-KZN Traditional Racing and Breeding Association ngokunika amantombazane ithuba lokubamba iqhaza emdlalweni wamahhashi.
“Kuyangijabulisa ukuthi sesiyanda nesibalo sabesifazane abajoyina lo mdlalo," kubeka uNokubonga ophinde wabonga wanconcoza kubazali bakhe nakubo bonke abamesekile.
Uveze ukuthi enye ingxenye yemali ayizuzile uzothengela ngayo ihhashi lakhe izembatho.
Uthe uzophinde abe yingxenye yeKing Cetshwayo Horse Racing ezoba ngoMgqibelo, eMpangeni Airfield.
"Ngisazohlala phansi ngicabange ukuthi le mali ngizoyenzani. Enye yayo ngizothengela ihhashi lami izembatho zikanokusho. Ngifuna ukuthi kwiKing Cetshwayo Horse Racing abantu babone ukuthi leli yihhashi le ngqwele.“
UNokubonga uveze ukuthi ukuzimisela kwakhe kudale ukuthi ekuqaleni konyaka athole umfundaze wokuyoqeqeshelwa umjaho wamahhashi owaziwa ngo-dressage, eCape Town.
Ngaphandle kokuthi ufike waphasa, waklonyeliswa nangesitifiketi uNokubonga, uveze ukuthi ohlwini lwabawu-50 ube ngomnye wabathole ithuba lokuyofunda kabanzi ngalolu hlobo lo mdlalo e-USA ngasekupheleni konyaka. Uthe inkinga enkulu abhekene nayo wukuthola uxhaso oluzomkhokhela izindleko zokuya eMelika.
Ngokwamaphepha uNokubonga awathumelele Isolezwe kuvela ukuthi uzodinga imali ewu-$8700. Ngokwemali yakuleli udinga u-R156 944,96. Ihlanganisa neyezindleko ze-visa, amathikithi, indawo yokuhlala nokunye. Kulama phepha kuthiwa uma ephase inhlolokhono ezoba ngoNovemba uzosayina inkontileka yeminyaka emibili noma emithathu.
Uzoqala ngoDisemba ukusebenza. Uzohola nyanga zonke. Uma eseqeqeshwe ngokwanele uzoba ngomunye wabazofundisa abantu ngalo mdlalo. Lapha kuhlanganisa nokuthi ihhashi liphathwa kanjani nomlando walo. Uzobe ezinze eTalaria Farms, e-Atlanta.
"Ngiyazicelela kosomabhizinisi nakuhulumeni wakithi ukuthi bangisize ukukhokhela izindleko zokuya eMalika. Kungabe kufezeke iphupho lami.
“Ngiyathembisa ukuthi uma ngibuya khona ngizoludlulisela entsheni yakithi ulwazi engilufundile. Mhlawumbe nentsha yakithi ikakhulukazi yamantombazane ansundu azogqugquzeleka. Ngicela ningisize," kubeka uNokubonga oqede umatikuletsheni ngo-2017, eSekwethwayo Secondary School, khona eMondlo.
UMenzi Buthelezi ongusihlalo weBreeding Association, wazise Isolezwe ukuthi uNokubonga uzile kubo ezocela ukuthi bamxhumanise noMnyango wezeMidlalo mayelana nokuxhaswa.
"Maduze sizothumelela uMnyango amaphepha afanele ukuze uNokubonga asizakale. Into ebibambile wukuthi ezinyangeni ezedlule wasinika enganaso isigxivizo noma i-letter head yenkampani emhambisa eMelika.
“Kumele sicophelele sekwaba kuningi ukukhohlakala. Nokho sesizitholile izincwadi eziqondile. Awukaze wasiphoxa uMnyango, sethemba nokuthi uzolifeza iphupho likaNokubonga," kubeka uButhelezi.