XOLILE MPISANE
USAZIMISELE ngokuthuthuka emabangeni amade umsubathi wakuleli oyisilomo, uCaster Semenya.
Yize enezindondo zegolide ezimbili kuma-Olympics ku-800m, uSemenya useshintshele kule mijaho emide selokhu iWorld Athletics yakhipha imiyalelo evimbela abagijimi besifazane abakhiqiza amazinga aphezulu e-testosterone ukuthi bagijime amabanga athile ngaphandle kokunciphisa le hormone emizimbeni yabo.
Amabanga athintekayo u-400m kuye ku-1500m. Lokhu kusho ukuthi uSemenya nabanye abasubathi abasesimeni esifanayo bangagijima emabangeni amafushane, u-100m no-200m, nanoma yimiphi imijaho esuka ku-3000m nangaphezulu ngaphandle kokushintsha amazinga e-testosterone.
Lo mgijimi oneminyaka engu-31 uwine umjaho ka-3000m kwi-Athletics South Africa Grand Prix eKapa ngesonto eledlule, wenza kangcono isikhathi eqopha u-8:54.97.
“Kumnandi ukubona abantu bakho bethokozela ukubona uzogijima futhi bekufanele ukuthi ngibabonge ngokwenza into encomekayo,” kusho uSemenya kwi-ASA.
“Ngizobuyela kwiNational Championships ngenyanga ezayo, ngizogijima u-5000m futhi ngizolungiselela noma yisiphi isimo sezulu engizobhekana naso ngalolu suku.
“Uma kwenzeka ngizozama ukungena kumaWorld Championships. Ukugijima ngaphansi kwemizuzu eyisishiyagalolunye ku-3000m kukhombisa ukuthi ngingakwazi ukugijima kahle ku-5000m.
“Inhloso yami wukuzibonakalisa kubantu bakithi futhi ngiyakuthanda ukusubatha. Kungakuhle uma ngingangena kumaWorld Championships kodwa okwamanje inhloso ukuthi ngizibekisele indawo kuma-African Championships.
"Ayikho inselelo enkulu engibhekene nayo ku-5000m ngakho ngilindele ukuthi ngenze kangcono. Bekunzima ekuqaleni kodwa sengiyajwayela. Imiphumela yami ihlale ingijabulisa futhi ngeke ngizikhathaze ngokulindelwe ngabanye abantu."
USemenya udinga ukugijima isikhathi esiyimizuzu engu-15:10 noma ngaphansi ukuze angenele umjaho ka-5000m kumaWorld Championships azoba se-Eugene, e-United States of America, ngoJulayi.
Isikhathi sakhe esihle asasishayile kuleli banga ngu-15:32.14, asiqophe nyakenye.
Indondo yegolide emjahweni wabesifazane ka-5000m kuma-Olympic aseTokyo nyakenye ithathwe nguSifan Hassan waseNetherlands, owenze isikhathi esingu-14:36.79.
Khonamanjalo, inkakha yomsubathi wakuleli u-Elana Meyer ikholelwa ekutheni kumele asebenze ngokuzikhandla uSemenya ukuze enze kahle emabangeni amade.
UMeyer uphethe amarekhodi amaningi okugijima kuleli okubalwa kuwo elika-3000m, 5000m no-10 000m.
"Impela udinga isikhathi uma usuka ku-800m uya ku-5 000m. Uma ugijima amabanga amade, ngaphandle kokuthuthukisa umzimba, udinga ukuthi ukuthuthukisa nengqondo,“ kusho uMeyer etshela i-IOL.
“Ngabe usakulambele ngokwanele ukungenela imiqhudelwano noma usebheke ukungena esigabeni esihlukile sempilo yakhe?
“Waya kuma-Olympics ahlukene. Unamagolide, uqeqesha abanye abagijimi, unengane. Kuningi okunye abhekene nakho, hhayi ukugijima kuphela.
"Ngabe usakulambele ukuphumelela? Uma kunjalo, ngicabanga ukuthi unalo ikhono elanele lokwenza lokho,” kuphetha uMeyer.