XOLILE MPISANE
OWAYENGUKAPUTENI weqembu lesizwe laseNingizimu Afrika lekhilikithi, uFaf du Plessis, kulindeleke ukuthi avele okokuqala emqhudelwaneni omusha, i-The Hundred, kule mpelasonto.
UDu Plessis, oyingxenye yeqembu leNorthern Superchargers, akayidlalanga imidlalo emithathu yokuqala yalo mncintiswano ngenxa yokuthi ubesalulama emva kokushayeka kabuhlungu ekhanda.
Walimala edlala kwiPakistan Super League ngenyanga edlule, engqimuzeka ngekhanda edolweni likazakwabo uMohammad Hasnain, bezama ukuvimba ibhola.
Akabange esakwazi ukuwuqedela lowo mqhudelwano, wakhetha ukubuyela eNingizimu Afrika, eyolulamela ekhaya.
Ube esedlulela eCroatia, lapho ehlale khona isikhashana ngenxa yemigomo yeCovid-19, ngaphambi kokuthi ayojoyina iqembu lakhe e-England.
UDu Plessis waqokwa njengokaputeni waleli qembu kodwa izintambo bezibanjwe uBen Stokes, wase-England, ngesikhathi esalulama.
"Odokotela beNorthern Superchargers bayamxilonga uDu Plessis selokhu efikile ekhempini. Bakhetha ukuthi angayidlali imidlalo yokuqala emithathu," kusho isitatimende esiphuma kuleli qembu.
"Basaqhubeka nokumgada, sinethemba lokuthi uzoqala ukudlala kungekudala."
Lo mqhudelwano, iThe Hundred, uhlukile kuneminye ngenxa yokuthi iqembu ngalinye lidlala amabhola angu-100 kuphela emdlalweni owodwa.
Leso sibalo singaphansi kwama-over angu-17, kanti imidlalo ijwayele ukuphela emva kwamahora amabili nohhafu.
I-Superchargers isendaweni yesithupha kwi-log ngephuzu elilodwa emva kwemidlalo emithathu.
Isahlulwe kabili, iphuzu yalithola ngesikhathi umdlalo wayo neManchester Originals uphazanyiswa imvula ngoLwesithathu.
Kolandelayo, okulindelwe ukuthi uDu Plessis abonakale kuwona, izotholana phezulu ne-Oval Invincibles eHeadingley kusasa.