XOLILE MPISANE
UMQEQESHI weqembu lesizwe le-cricket, amaProteas, uMark Boucher, uthi uzoziphendulela ezinsolweni zokucwasa ngokwebala uma eseyitholile yonke imininingwane.
Igama likaBoucher livele kwiSJN Hearings, ebhekene nokuqedwa kokucwasana ngebala nangobulili kwikhilikithi, ngesikhathi owayedlalela amaProteas, uPaul Adams, embala njengomunye owayesebenzisa amagama anganambitheki ewabhekise kuyena ngesikhathi besadlala kuleli qembu.
U-Adams wayengumshwibi wamaProteas kusukela ngo-1995 kuya ku-2004, engomunye wabadlali bokuqala abangemhlophe ukuba yingxenye yaleli qembu.
Ekhuluma kwiSJN Hearings ngesonto eledlule, u-Adams uthe yize noma kwakwenzeka kujatshuliwe emuva kokuwina kweqembu, kuneculo elaliculwa elalinamagama anokucwasa futhi uBoucher wayejwayele ukuhamba phambili uma seliculwa.
"Angizange ngimtshele ngaleso sikhathi ukuthi angilithandi lelo culo ngenxa yokuthi ngangingafuni kube muncu ekhempini. Into eyafika sengizicabangela ngedwa futhi nowakwami esengibuza ukuthi kungani ngibavumela bangibize ngala magama," kusho u-Adams.
"Ngifuna ukucacisa ukuthi akufanele kuphinde kwenzeke lokhu. Uma silulungisa kahle lolu daba, sizokwazi ukuhloniphana. Kumele (uBoucher) axolise. Ngicabanga ukuthi lokho kungenza umehluko. Akulona udaba okumele siluthathe kancane."
Ebuzwa ngalokhu emva kokuphela kohambo lwamaProteas e-Ireland, la edlale khona ngokulingana ngo-1-1 ochungechungeni losuku olulodwa anqoba ngo-3-0 kwi-T20, uBoucher uthe lolu daba uzoluthathela phezulu uma esebuyele eNingizimu Afrika.
"Ngiyazi ukuthi lolu udaba olubucayi ngakho-ke angifuni ukuvele ngiphendule nje ngingakahlaziyi kahle," kusho uBoucher.
"Uma sengisekhaya ngizoyicubungula kahle yonke imininingwane mayelana nalezi zinsolo bese ngiyaphendula konke ngendlela efanele futhi enenhlonipho. Kufanele ngithole kahle ukuthi yikuphi osekushiwo bese ngiyaphendula."
Isaqhubeka iSJN Hearings, kulindeleke ukuthi abadlali, abaqeqeshi nabanye abayingxenye yomdlalo wekhilikithi baqhubeke nokuthula ubufakazi kuze kushaye u-Agasti 6.