INYANGA yodumo, uSolwazi Thulani "3 Seconds" Nkwanyana, isizijubile yaqinisekisa ukuthi izozibambela mathupha ekulapheni uSiyabonga "Destroyer" Mpangele oyibhokisa elaqulekela ejimini emasontweni edlule, lizilungiselela impi yesicoco somhlaba.
Usuku lwayizolo lushone ngezindaba ezinhle ngesikhathi Isolezwe lithola ukuthi uMpangele waseMevamhlophe, eMpangeni, uphumile esibhedlela, i-Addington, eThekwini.
Lezi zindaba ziqinisekiswe uSizwe "Bhebusi" Mthembu ongumqeqeshi kaMpangele nobesethimbeni labebelande uMpangele e-Addington.
Nakuba lo mqeqeshi engathandanga ukwanda kodwa uveze ukuthi odokotela bamtshele ukuthi ibhokisa lakhe lihlaselwe isifo sohlangothi.
Ngesonto eledlule, leli phephandaba libe ngelokuqala ukubika ngokungeniswa kukaMpangele esibhedlela.
Isolezwe lathola ngoSepthemba 17, ukuthi washayeka phansi maqede wakhihliza amagwebu eseThekwini Boxing Gym lapho kuziqeqeshela khona amabhokisa aseLudonga.
Wayezilungiselela impi abezoyilwa noGcina "Double G" Makhoba kweyeWBF Junior Bantamweight, ngeSonto, eCity Hall, eMgungundlovu.
Le mpi beyisemqhudelwaneni ohlelwa yiMvelo Boxing Promotions okuhlonishwa ngawo umakadebona uMoruti "Babyface" Mthalane ozoxhimfana noDiomel Diocas wasePhilippines kweyomhlaba, kwiFlyweight.
"Ngathi ngiyaphupha ukuthi namuhla sizokhipha esibhedlela uFah (okungelinye lamagama okuteketiswa ngalo uMpangele). Odokotela basitshele ukuthi ubenyonyobelwa isifo sohlangothi. Yebo, usenayo inkinga yokuhluleka ukuhamba kodwa siyajabulisa isimo akuso. Kusasa (namuhla) uzolandwa umndeni wakhe," kubeka uMthembu.
Isolezwe lithole ukuthi u-3 Seconds uyena olekelela umndeni kaMpangele ukuthi abuyele ekhaya.
UMpangele ufaniswa nezinye zezingane zale nyanga. U-3 Seconds uyena owaqala ukupheka leli bhokisa kwezamankomane ngaphambi kokuthi lingene esibhakeleni esikhokhelayo.
"Asethembe ukuthi ukugula okuzifikele nje okuphethe uFah. Uma kuyisandla somuntu esimgulisile, ngiyamdabukela lowo menzi wobubi, ngizomgqilaza kanzima. Inkinga ukuthi kunabantu bakithi abanomona, abangafuni ukubona ezinye izingane ziphumelela.
“Sengivumelene nabomndeni wakwaMpangele ukuthi ngizomelapha aze abe umqemane uFah. Ngiphatheke kabi kakhulu ngizwa ukuthi umfana wami ugula ngale ndlela. Akeze lapha kimi uzophila abe umqemane," kusho u-3 Seconds.
Mayelana nezimpi zangeSonto, kusasa, kuzoba nesithangami sabezindaba, ngoMgqibelo, kukalwe izisindo zamabhokisa ngaphambi kwezimpi zangeSonto eCity Hall, eMphithi.