SINYUKILE isibalo sabasubathi abalashelwe ukututshwa iComrades Marathon yalo nyaka ebisuka eThekwini yaphelela eHollywoodbets Scottsville Racecourse, eMgungundlovu ngeSonto.
Sekuyindaba exoxwayo ukuthi kwabesifazane uGerda Steyn wePhantane AC, uphule irekhodi lakhe ngesikhathi esiwu-05:49.46 kwathi uPiet Wiersma waseNetherlands wanqoba kwabesilisa ngesiwu-5:25.00.
Lo mjaho obuyibanga elingu-85.9km ubunyuka okuyinto eyagcina ukwenzeka ngo-2019.
IComrades Marathon Association (CMA) yathatha isinqumo sokuthi kowango-2022 noka-2023 kwehlikwe.
KowangeSonto eledlule abasubathi baphinde bakhala ngamakhaza abeshubisa umnkantsha.
ICMA ikhiphe isitatimende esiveze ukuthi kubagijimi abawu-18884 kuqede abawu-17313.
Babe u-555 abalashwe ngenxa yokutubeka. Abawu-79 bangeniswe esibhedlela basheshe badedelwa. Abawu-21 balalisiwe. Ngokwalesi sitatimende, kusele abathathu okulindeleke bakhululwe maduzane.
ICMA beyisebenzisana nabakwaNetcare 911 abebehlinzeke ngama-ambulensi awu-16 abeqaphe isimo sempilo yabagijimi. Bebehlinzeke nangezimoto eziyisithupha zezimo eziphuthumayo ebezihamba nabosizo lokuqala.
Bekunezithuthuthu eziyisithupha nendiza enophephela emhlane. Izibhedlela obekusetshenziswana nazo iSt. Augustine, Umhlanga, eThekwini, naseNetcare St. Anne, eMgungundlovu. UDkt Jeremy Boulter ohola ithimba lezempilo, uthe: "IComrades ingeminye yemijaho enzima emhlabeni. Inhloso yethu ukweseka abagijimi ngosizo lwezempilo uma kuqhamuka isimo esingesihle. Iningi labagijimi esibanike usizo bebenenkinga yokuphelelwa amanzi emzimbeni.“
Emjahweni wangonyaka odlule kwalashwa abawu-350. Baba u-51 abaphuthunyiswa esibhedlela. Babengu-16072 ababengenele owango-2023. Kwagcina kuqede abawu-14896.