NAKUBA uyiqedile iComrades Marathon oyintatheli yeSolezwe, uFanelesibonge Bengu, ubonga intokazi ebe yisibani sekumnyama endleleni.
UBengu waziwa ngekhono lakhe ekuhlaziyeni ezezimoto kodwa ngeSonto uke wayidilika leyo nqola, wafasa amateki akhe ejoyina izinkulungwane zabagijimi abebesuka eThekwini beya eMgungundlovu.
Ubeqala uBengu ukuba kulo mjaho futhi umuzwa abuye nawo akasoze awukhohlwa njengoba nayizolo ubesalokhu eqwashile kungalaleki, engqondweni kusadlala ifilimu yalo mjaho awuchaza njengento enzima ngendlela engakaze ayizwe selokhu azalwa.
Le ntatheli, evame ukushwibeka ngezinhlobonhlobo zezimoto, ithi ingene enkundleni iScottsvile Racecourse sekusele imizuzu emithathu kushaye umnqamulajuqu.
Nokuthi uze wafika eMgungundlovu ubonga uzakwabo agijima naye kwi-Stella Athletic Club, uNokukhanya Khanyile, okuthe uma esesikaza ukuthi ayingangaye, le ntokazi yakhuza ibhadi yamkhuthaza ngokuthi kuzolunga.
"Besiqala intaba yesibili yomjaho enkulukazi, iFields Hill, ngithe nhla ngabona uzakwethu esinaye eStella, nganyusa ijubane ngamfica. Ngimvulele isifuba ngimtshela ngenkinga yamajaqamba abese engihlasele emlenzeni. Bese ngizwa sengathi ngiphathwa yisiyezi," kuchaza uBengu.
"Udadewethu (uNokukhanya) ungibambe ngesandla wangiqinisekisa ukuthi #nakanjani (isiqubulo somjaho wanonyaka) sizoqeda kwazise naye bekuwumjaho wakhe wokuqala."
Inkinga kaBengu iqale ekinatelwa yijaqamba abenovalo vele ngalo engakeqi nemingcele yeTheku, ngasePinetown. Ubesagijime amakhilomitha angu-15 kodwa uthi useyayazi le ndaba yokufaseka zisuka ngoba useke wayingenela imijaho emikhulu.
"Noma ngabe uziqeqeshe kangakanani izinto ezinjengalezi ziyenzeka emijahweni," usho kanje.
Kuze kwaba utholana noNokukhanya kuFields Hill nokuyilapho ingqondo isukile ekujoqeni kwezicubu zakhe.
UNgcolosi useze waba ngumngani nabagijimi nje uqale lo mdlalo njengendlela yokuziphephisa ezifweni ezihambisana nokuzimuka. Abamaziyo eminyakeni edlule bazi ijaha elalinokuba yisitetelegu. Uthi wayethi nxa egibela esikalini uthi luyothi jwi ngale kuka-100kg. Uqeda iComrades nje ngeSonto usecija ngo-size 30 webhulukwe, esuka ku-38 kuya le.
Ngo-2018 wathatha isinqumo sokuthi ukhathele ukuzimuka, waqala wazigijimela nokwagcina ngokuthi ajoyine ikilabhu yabagijimi ukuze akwazi ukuthola ilayisensi yokungenela imijaho. Ekilabhini usekhangwa yilaba ajima nabo njalo, ababehamba beyongenela iComrades bebuya nezindondo.
"Nami ngagcina sengihalela ukuba nabo kulo mjaho omkhulukazi kodwa ngazitshela ukuthi ngizoyingela ngo-2025 uma seyehla. Ngabuye ngahlushwa nawukulimala ngenxa yokungaqondi ukuthi kuningi okuthinta ukugijima ngale kokufasa iteki ungene emgwaqeni," uluchaza kanje uhambo lwakhe.
"Kwateki lelo awulikhethi nje ngoba ubona ubuhle kodwa kumele uhlolwe unyawo. Kumele futhi ujime ugade nokudlayo, uphumule ngokwanele futhi ulandele uhlelo ogijima ngalo - hhayi ukuthi zonke izinsuku yijubane kuphela njengoba ngangenza."
Eqhuba uthi: "Kuthe uma ngizivivinyela ukuyogijima i-Two Oceans yami yokuqala eKapa ngo-Ephreli ngezwa umzimba umelana nokuzilolonga. Kulapho enginqume khona ukungenela iComrades ngesikhathi kuvulwe ithuba lokwenyula kwabebengeke besakwazi ukuqhubeka ngenxa yezizathu ezithile."
Uyakuveza ukuthi ukugijima kumqhelise kubangani abaningi abevame ukuba nabo ngenxa yokuzinikela ekijimeni kodwa uthi bayameseka. Omunye wabaseki bakhe abakhulu uBengu ngunina, uPhumzile Bengu, obelokhu emkhuthaze njalo. "Umama uze wathi angenzele yena nobekuzoba yisipho esiyigugu kuye kwazise ubegubha usuku lwakhe lokuzalwa ngoLwesihlanu olwedlule."
Uthi la mazwi kanina aphinde amfikela sekusele amenanjana kuqhume isibhamu samahora angu-12 sokuvala umjaho. Uke wakhohlwa yizinhlungu namajaqamba wenyusa isivinini.
"Sigijime ndawonye nozakwethu (uNokukhanya) kwaze kwaba sekugcineni ngishaya intambo ngo-11:57:59 yena engena ngo-11:58:45.
“Ngiswele imilomo eyizinkulungwane yokubonga uNokukhanya. Uqhubeke uphile igama lakho ube yisibani njengoba kusho uMathewu 5:16,” usho kanje umlayezo wakhe kuzakwabo omkhiphe emcabangweni wokuphosa ithawula.